Dylan Bettencourt
Inkampani yezindiza zaseNingizimu Afrika(SAA) iyabuya kulenyanga ezoqala ngemuva kokuba ibhizinisi licishe lawa ekuqaleni konyaka.
Inkampani yezindiza iqinisekisile ukuthi izoqala ukudayisa amathikithi ngoLwesine mhla zingama-23 kuMandulo.
“Ngemuva kokungasebenzi izinyanga, sijabulile ukuthi i-SAA isizoqala isebenze futhi kusho umphathi osayibamba uThomas Kgokolo. “Sesijahe ukwamukela abagibeli bethu abathembekile siphinde siphakamise phezulu ifulegi laseNingizimu-Afrika”.
“Kukhona umuzwa wentshisekelo kubasebenzi be-SAA njengoba silungiselela ukuqala ukusebenza. Sinenjongo eyodwa efanayo, eyokwakha, eyokusisekela inzuzo, siphinde sikhombise indima yobuholi kwizindiza zasezweni lethu, ingaphandle kwezwekazi kanye nezindiza zezizwe zonke”.
Imboni yezindiza iyaqhubeka nokuhluleka njengoba kukhona i-Covid-19, kodwa uqinisekise abahlali baseNingizimu-Afrika ukuba lokhu kuzoba nempumelelo enkulu enkampanini yezindiza.
I-SAA izosebenza ngaphandle kwaseGoli nezindiza zase-Cape Town, e-Harare, ne-Lusaka, i-Maputo, kube yi-Accra kanye ne-Kinshasa. Ezinye izindawo sizozifakwa, kodwa kuzoya ngokuthi bangakanani abagibeli.
Umthombo wesithombe: @AeroTime
