Menzi Magubane
I-Mamelodi Sundowns ihlulwe ngamagoli amabili kwelilodwa idlala e-Angola ne-Petro De Luanda emlenzeni wokuqala we-CAF Champions League ngoMgqibelo.
Lo mdlalo ubunezinkinga eziningi ezingaqondakali okuphoqe ukuthi kusetshenziswe i-Video Assistant Referee (i-VAR) amahlandla amaningi okuyiyo esizile ukubonisa izinto unompempe abengakwazi ukuzibona.
Bekungokokuqala i-Sundowns ihlulwa kulo mqhudelwano kule sizini njengoba isihlule kabili i-Al Ahly engompetha emdlalweni wamaqoqo.
I-Sundowns iwuqale kahle lo mdlalo yashesha yahamba phambili nge-freekick kaLyle Lakay ngomzuzu wesithupha.
Nokho injabulo yabo ibe mfishane njengoba kuthathe imizuzu eyishumi kuphela ukuthi ukaputeni weqembu lasekhaya uTiago Azulao ashaye igoli elibenze balingana ngamaphuzu.
Esiwombeni sokuqala i-Sundowns ithole amathuba angcono okushaya amagoli kodwa ibilokhu ihluleka ukuwasebenzisa.
Ngokuphazima kweso iqembu lasePitoli lilahlekelwe ithemba ngesikhathi umdlalo usuzoya ekhefini. Umgadli weqembu u-Adriano Yano Nicolau nguyena onikeze i-Petro igoli ngaphambi kokukhala kwempempe.
Ngesiwombe sesibili abasingathi balomdlalo bavele badedela igazi bavala yonke iminyango base belinda i-Sundowns ukuthi ize kubona.
Ukulangazelela ukuthola igoli kushiye i-Sundowns inengcindezi kanti ngomzuzu ka-75 u-Azulao ufake ibhola enethini kwajabula abadlali, kodwa injabulo yabo ayithathanga isikhathi eside njengoba unompempe ebiza leligoli nge-offside.
I-VAR iphuce i-Sundowns injabulo njengoba uNeo Maema ubecabanga ukuthi ushaye igoli lokugcina lokulinganisa ngomzuzu ka-91, kodwa lokho kwacinywa unompempe ngesikhathi eyobukisisa i-VAR efike yakucacisa kahle ukuthi leli akusilo igoli.
Umthombo wesithombe: @TimesLIVE