NguBuziwe Nocuze kanye noDoreen Mokgolo
INingizimu Afrika yemukele izingane ezingu-1,448 ngoSuku lukaNcibijane, kanti i-Gauteng ihamba phambili ngesibalo sezingane ezingu-387. Ukukhulelwa kwentsha kwehle kwafinyelela ku-80 kuzwelonke kusukela kwabangu-190 ngonyaka odlule.
- I-Western Cape igubhe ukuzalwa kwezingane ezingu-101, okuhlanganisa namaqoqo amathathu amawele, futhi yagqamisa ukubaluleka kwemitholampilo ekusekeleni izinsuku zokuqala zezingane ezingu-1,000.
UMnyango wezeMpilo kuzwelonke umemezele ukuthi zingu-1,448 izingane ezizalwe ngosuku lokuqala lonyaka – sehlile isibalo uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule njengoba kwazalwa ezingu-1,703.
I-Gauteng ihambe phambili (ngezingane ezingu-387), intsha engu-31 eneminyaka ephakathi kuka-15 no-19 ibe omama abasha; kanti intsha engu-80 iphakathi komama abasha kuzwelonke. Lesi sifundazwe siphinde saqopha abantu bangaphandle abangu-95 ababelethele ezibhedlela zabo.
I-Eastern Cape ilandele ngezingane ezingu-219 kwathi e-Limpopo zaba ngu-191.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo uFoster Mohale ubalule ukwehla kwesibalo sentsha engu-190 esaqoshwa ngonyaka odlule.
“Sicela zonke izinhlaka zomphakathi – ikakhulukazi imindeni – ukuthi zibambisane nohulumeni nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ukuze kubhekwane nesihlava sokukhulelwa kwentsha… okuvame ukuholela ekutheni ingayi njalo esikoleni, ukungenzi kahle esikoleni futhi igcine iyeke isikole.
“Sisebenzisana neminyango ehlukene yezokuthuthukiswa komphakathi kanye nezemfundo eyisisekelo ukuze siqhubeke nokweseka bonke omama ngezinhlelo ezikhona zokuqinisekisa ukuthi izingane zabo ziyaphila futhi ziyakhula,” usho kanje.
Khonamanjalo, uMnyango Wezempilo Nokuziphatha e-Western Cape wemukele izingane ezingu-101 – amantombazane angu-43 nabafana abangu-58 – ezizalwe ezikhungweni zezempilo zikahulumeni kuso sonke isifundazwe mhlaka-1 kuMasingana.
UNgqongqoshe wezempilo esifundazweni uMireille Wenger uthe: “Ukuzalwa kwengane yisikhathi senjabulo nethemba elikhulu, esiwuphawu lwesiqalo esisha. Sigubha kanye nemindeni eyamukela izingane zayo futhi sinxusa abazali ukuthi bathole ukwesekwa okutholakala emitholampilo yethu.
“Kube yintokozo ukuba yingxenye yokwamukela ingane yokuqala ezelwe kumasipala omkhulu esibhedlela i-Tygerberg. Ngijabule kakhulu ukubona ukuthi bobabili umama nengane benza kahle, futhi kuyindlela enhle yokuqala unyaka omusha,” kusho uWenger.

Ubonge abasebenzi bezempilo, ikakhulukazi ababelethisi abadela isikhathi nemindeni yabo ukuze bahlinzeke ukunakekelwa okukhethekile kwabanye ngalolu suku olukhethekile.
UWenger uphinde wamemezela ukuzalwa kwamaqoqo amathathu amawele: amaqoqo amabili azalelwe e-Tygerberg kanti elilodwa lizalelwe esibhedlela i-Groote Schuur.
Abazali bakhunjuzwa ngokubaluleka kwezinsuku ezingu-1 000 zokuqala zokuphila kwengane kusukela ekukhulelweni, okubalulekile empilweni nasenhlalakahleni yayo. Ukuvakashela emtholampilo kunikeza ukufinyelela ezinsizeni ezibalulekile njengokugoma, imfundo yezempilo, nokuhlolwa njalo.
Lezi zinsizakalo zenzelwe ukusiza imindeni iqale kahle, iqinisekise ukuthi izingane zayo zinesisekelo esiqine kakhulu sekusasa eliqhakazile.
Esithombeni esingenhla: UMnyango Wezempilo e-Western Cape wamukele izingane ezingu-101 ezizalwe ezikhungweni zezempilo zikahulumeni esifundazweni sonke.
Umthombo: Sithunyelwe
