Lubhalwe nguRazeen Gutta
I-West Ham United iwine ngo 2-0 ukuze intshontshe iphuzu kwi-Arsenal emdlalweni omnandi we-London Derby ngeSonto.
Ngesikhathi uGabriel Jesus noMartin Odegaard benza i-Arsenal ihole phambili ngemuva kwemizuzu eyishumi nje,cishe iqembu likaMikel Arteta bese libheke emdlalweni walo olandelayo.
I-Arsenal ibilawula umdlalo ngesigamu sokuqala sehora futhi kubonakale ngezinombolo zabo zokuphatha ibhola.
Isiphetho esifanayo nesomdlalo wangesonto edlule e-Anfield besilindele izivakashi futhi kulokhu kube uSaid Benrahma oshayele i-West Ham iphenalthi eyodwa.
Ngemuva kwemizuzu embalwa bebuye ekhefini uBukayo Saka uthole ithuba lakhe esuka kumayadi angu-12 kodwa umdlali waseNgilabdi uye waphuthelwa igoli kanye nethuba elihle lokuwenza kube u-3-1.
Ngemuva kwemizuzwana uJarrod Bowen uye walinganisela i-West Ham.
Umphumela ufike njengomklomelo omkhulu ezifisweni ze-Arsenal kwi-Premier League. Bazithola sebesele ngamaphuzu amane kuphela kwi-Manchester City kanti i-Citizens isalelwe umdlalo kubaholi kanye nohambo oluya e-Etihad olusalinde abadlali baka-Arteta.
Emdlalweni wesibili wangeSonto u-Anthony uyena obengumdlali ovelele ngesikhathi i-Manchester United iqinisekisa ukuthi ngeke yenze amaphutha kule mpelasonto njengoba ifuna ukufinyelela kwamane ahamba phambili.
Abadlali baka-Erik Ten Hag bawaqoqe wonke amaphuzu amathathu ngesikhathi bewina ngo 2-0 bedlala ne-Nottingham Forest bayishiya isendaweni yesithathu ngamaphuzu amathathu ngaphambi kwe-Magpies.
Esithombeni esingenhla: UJarrod Bowen
Umthombo wesithombe: @PremierLeague