Ividiyo yokuhlaselwa kwabantu base-Mozambique

Izithombe ezethusayo zokuhlaselwa kwedolobha lase-Mozambique i-Palma ngamasosha angamaSulumane, ithwetshulwe yi-Sky News yaseBrithani.

Kubulawe inqwaba yabantu esigamekweni esenzeke kuleli dolobha.

Le vidiyo ithwetshulwe indiza enophephela emhlane ebizama ukusiza abantu ukuthi basuke kuleso sibhicongo njengoba abasindile bebe zingelwa ngabavukeli.

Abezokuphepha base-Mozambique sebevikele leli dolobha kodwa imibiko ikhomba ukuthi izidumbu zabantu ababulewe ngemuva kokudonswa ezimotweni nasemalolini zigcwele yonke indawo edolobheni.

Lo mbhikisho waqala kusukela ngowe-2017 yiqembu elihlangene noMbuso WamaSulumane.

Izithombe ziveza izakhamuzi ezithukile zigijimela ukucasha. Amaqembu abantu abonakala eduze kwemiyalezo ethi “Usizo” ne- “SOS” eyenziwe ngamatshe nangamashidi futhi ebhalwe phansi.

Izindiza ezinophephela emhlane bekungeze-Dyck Advisory Group, inkontileka yangasese ehlomile eqashwe uhulumeni wase-Mozambique. Bebehla ezindizeni futhi bezama ukuhlenga abasindile.

Izindiza ezinophephela emhlane bezikwazi ukuthatha kuphela abantu abambalwa ngesikhathi, ngakho-ke umsebenzi wokuhlenga ubumningi kakhulu njengoba indiza ibihamba phakathi komlilo.

Izimoto zigingqikile zaphuka emgwaqeni omkhulu obheke olwandle lwedolobha. Khona abekade beyingxenye yomzamo wokuphunyuka walabo ababesehhotela i-Amarula Lodge, edume kakhulu kubantu bokufika, kodwa bahlaselwa emgwaqeni.

Phakathi kwalabo ababulawe kukhona no-Adrian Nel waseNingizimu Afrika, owayesebenza kwezokwakha owazama ukubaleka nomfowabo omncane kanye noyise abasinde kulokhu kuhlaselwa.

Ividiyo ye-YouTube – Sky News

Izihloko zakamuva