Ividiyo efihliwe ikhombisa amasosha eshaya uCollins Khosa nonkosikazi wakhe

Everson Luhanga

Umndeni kaCollins Khosa ukhombise abakwa-Scrolla.Africa amavidiyo amabili aveza imininingwane emisha ekhombayo ukuthi umlisa  oneminyaka engama-40 washona kanjani ngePhasika eledlule.

Umndeni usola ukuthi uKhosa washaywa waze washona ngamasosha ngesikhathi somvalelo sezinga lesihlanu ngesikhathi esegcekeni lakubo.

Amavidiyo – angakakhishwa obala – athathwe ngumqashi owayethukile ohlala egcekeni elifanayo owayeseduze ngesikhathi kubulawa uKhosa.

Ividiyo yokuqala inamasekhondi angama-49 ubude bese kuthi eyesibili, ithathwe ngokulandelana, imizuzwana eyi-10 ubude.

Akukho okubhalwe ngqo ngalesi sigameko, kodwa baqopha umsindo wesosha lesifazane elifunga futhi liyalela ukushaywa kukaCollins Khosa namanye amalungu omndeni wakhe.

Ukushaywa kanzima kubonakala kuqala ngemuva kokuthi unkosikazi kaCollins, uNomsa enxuse izikhulu ukuthi zibophe umyeni wakhe uma ayephule imithetho ye-Covid-19.

UNomsa ushaywe okokuqala. UCollins umile akakwazi ukusiza ngalutho njengoba ebuka isiphongo sakhe siqala ukopha. Ngemuva kwalokho amasosha aphendukela kuye.

Ukusuka lapho, kuba nezinxushunxushu futhi kuzwakala sengathi ukushaywa kuya ngokuya kuba kubi.

U-commander uzwakala ememeza udadewabo kaCollins, uYvonne, owayekhulelwe enezinyanga ezine ngaleso sikhathi. Uthi:

● Unomlomo omkhulu

● Ukhuluma kakhulu

● Bengikhuluma nawe?

● Ucabanga ukuthi nguwe wedwa oke wakhulelwa

● Noma mhlawumbe ukukhulelwa okwenza ukuthi ukhulume kakhulu? 

● Asihambe.

Umndeni uthi umqashi othathe le vidiyo uzivalele egumbini lakhe, esaba ukuthi uzobonakala.

Ingane yomqashi, esegumbini naye, izwakala ihlukumezekile, futhi ngokusobala ibiza umama  nobaba wayo kwaze kwadamba isiphithiphithi.

Ngemuva kwalesi sigameko, umndeni waya esiteshini samaphoyisa e-Alexandra wayovulela amasosha icala lokubulala.

Kepha izimo zokushona kwakhe namanje azingacaci.

Ngemuva kophenyo olwenziwe ngoNhlaba, uNgqongqoshe wezokuVikela uNosiviwe Mapisa-Nqakula ukhiphe isitatimende esusa amalungu e-SANDF athinteka ecaleni ngokuthi akukho lutho olubi awenzile.

Ngemuva kwalokho umndeni kaKhosa wamangalela uhulumeni ngalesi sinqumo.

Bathi le vidiyo isiyabhekwa njengengxenye yezingxoxo nohulumeni mayelana nesivumelwano semali eyizigidi eziyi-R10.

Izihloko zakamuva