Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Ivele eNkantolo intatheli ephinde ibe ngumdidiyeli wakwa-SABC uMkhokeli Bandla ngemuva kwevidiyo yakhe ayifaka ku-Facebook ngoNcwaba ngonyaka ka-2018 ehlukumeza amagundane.
UBandla owathweswa icala lokuhlukumeza izilwane ngemuva kokufaka ividiyo yakhe ku-Facebook uvele eNkantolo yeMantshi yase-Motherwell, e-Gqeberha ngoMgqibelo.
UBandla kubikwa ukuthi wayisusa le vidiyo ngesikhathi esanda kuyifaka, kodwa yase isabalele yafika naku-Animal Anti-Cruelty League (AACL). Kusolwa ukuthi uBandla waqopha lesi senzo ngaphambi kokusifaka ezinkundleni zokuxhumana.
Kule vidiyo amagundane amathathu abonakala engakwazi ukuhamba ngesicupho se-glue ngemuva kwalokho ubonakala ewashisa kaningi ngomlilo ophuma kwi-lighter kagwayi.
Kusolwa ukuthi uBandla waxolisa ekhasini lakhe lika-Facebook ngemuva nje kokukhipha le vidiyo.
Ukuxolisa kufundeka kanje: “Ngithanda ukuxolisa kuwo wonke umuntu ophazanyiswe ividiyo yami yakamuva engeyinhle.”
Yize ebonakala evuma izenzo zakhe uBandla kodwa uyaphika ukuthi nguyena owenza lesi senzo esinonya.
Ngesikhathi kuqoshwa le vidiyo kuzwakala owesilisa okusolwa ukuthi uBandla nowesifazane ongaziwa ehleka ngemuva.
UBandla uyazivikela ngokusho kukaKarien van Schalkwyk we-AACL kanti umile kwelokuthi akayena lo wesilisa okwividiyo futhi abukho ubufakazi obumphikisayo ngoba akabonakali evela kule vidiyo.
Izwi likaBandla lizwakala kule vidiyo kanti uVan Schalkwyk uthi ngemuva kokuyiqhathanisa namanye amavidiyo afakwe ekhasini lakhe laku-Facebook banesiqiniseko sokuthi nguye.
“Kungani exolise ku-Facebook ngemuva kokuyisusa ividiyo uma bekungesiyena?”
Ngesikhathi ethintwa ukuze aphawule uBandla unqabile ukuphawula wathi lolu daba lusingethwe eNkantolo.
Icala lihlehliselwe umhlaka-24 kuMasingana.
Isithombe esingenhla ngesentatheli yakwa-SABC uMkhokeli Bandla
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe