Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Osolwa ngokuba inkabi ebulala osomatekisi uVuyolwethu “Yesu” Tshukela, obizwa ngelikaJesu, uvele enkantolo ngemuva kokuboshwa e-Free State ezinyangeni ezimbalwa engumsolwa obefunwa uthuli e-Western Cape.
Inkabi yosomatekisi uVuyolwethu “Yesu” Tshukela uboshwe e-Welkom ngemuva kwezinyanga ebaleka njengomsolwa ofunwa kakhulu e-Western Cape.
Uvele eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngoLwesibili ebhekene namacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokuqola ahlobene nodlame lwamatekisi.
Owesilisa ozibiza ngoYesu futhi othumela abantu ukuba bahlangane noJesu ekugcineni ubanjiwe .
UVuyolwethu “Yesu” Tshukela uvele eNkantolo yeMantshi yase-Athlone ngoLwesibili ngemuva kokuhlala izinyanga engumsolwa obefunwa uthuli e-Western Cape.
Umsolwa (38) uboshwe endaweni abecashe kuyo e-Welkom, e-Free State, ngoLwesihlanu. Amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ka-R100 000 ngokubanjwa kwakhe ngoMbasa.
UTshukela uthole igama lesidlaliso elithi Yesu okuyigama lesiXhosa elisho uJesu ngoba kusolakala ukuthi wayetshela izisulu zakhe ukuba uzithumela ukuthi ziyohlangana noJesu ngaphambi kokuzibulala.
Kodwa owesilisa owahlasela imboni yamatekisi eKapa ubebukeka ehluke kakhulu enkantolo. Ubelokhu ebhekise ikhanda phansi egwema ukubheka izintatheli.
Amaphoyisa athi uTshukela nguyena ophehla uxhaxha lwezigameko zokubulawa kwamatekisi eNyanga, e-Delft nase-Philippi East phakathi kukaNcwaba noMandulo ka-2023.
Umbuso umthwese icala elilodwa lokubulala, amabili okuzama ukubulala nelokugebenga.
Icala lokubulala lihlobene nesigameko esenzeka ngomhlaka-18 kuNcwaba ka-2024. UTshukela kusolwa ukuthi wavulela ngenhlamvu ebhekise kubashayeli bamatekisi emhlanganweni erenki, kwashona oyedwa phambi kofakazi.
Ngomhlaka-17 ngoMandulo ka-2024, kusolakala ukuthi wasabisa abashayeli bamatekisi efuna imali. Uxwayise ngokuthi labo abanqaba ukukhokha bazodutshulwa.
Abanye abashayeli bakhokhile, kodwa ummangali oyedwa wenqaba. Lokhu kwaholela kwezinye izinsongo.
Amacala okuzama ukubulala avela esehlakalweni sangomhlaka-9 kuNhlolanja ka-2025. UTshukela nabanye abathathu kusolwa ukuthi bashisa ama-container namatekisi erenki yaseNyanga.
Ngesikhathi abashayeli bamatekisi bebajaha, abasolwa babaleka. Kusolwa ukuthi uTshukela uvulele ngenhlamvu ebhekise kunogada emgwaqeni oseduze.
Onogada ababeqaphile bakwazi ukuphunyuka bayobikela amaphoyisa ngesigameko. Ngokuhamba kwesikhathi bahlonza uTshukela ukuthi ungomunye wabasolwa.
Ummeli kaTshukela ubengekho enkantolo ngoLwesibili. Icala lihlehliselwe uLwesibili oluzayo.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Novela Potelwa uthe uphenyo lusaqhubeka. Uqhube wathi umsolwa angase abhekane namanye amacala njengoba kuqhubeka uphenyo.
Akukacaci noma amaphoyisa acinzwe indlebe yini ngokuthi ucashe kuphi noma kukhona osazothola umklomelo ka-R100 000.
Esithombeni esingenhla: Inkabi ebulala osomatekisi.
Umthombo wesithombe: @Singov1