Itwetwe ngamazinga aphezulu okushisa emhlabeni

Arthur Greene

Ukushisa okugubuzele izingxenye ezinkulu zomhlaba, kusongela izigidi zabantu nomnotho.

Isimo sezulu esishisayo esiyingozi sisabalele e-North Afrika, e-Europe, e-Middle East, e-Asia ngisho nase-North America kanti lokhu kuholela ekutheni kube nesomiso kanye nemililo.

Ohulumeni emhlabeni wonke, ukusuka e-London kuya e-Shanghai, bathumele izexwayiso benxusa umphakathi ukuthi uhlale ngaphakathi ezindlini njengoba amazinga okushisa eqala.

Kusukela ngoNhlangulana, amazinga okushisa nemililo kulimaze kabi isivuno sokusanhlamvu sase-Tunisia. Ngokusho kwe-Reuters, umkhiqizo wezitshalo uzowela ngaphansi kwezibikezelo zikahulumeni. Njengoba phambilini babethembele ekungeniseni okusanhlamvu okuvela e-Ukraine, manje izwe seliqale phansi kanti lokhu kuyaqala ukwenzeka.

Okwamanje e-Europe kulindeleke ukuthi amazinga okushisa afike ku-40 degrees Celsius okungokokuqala ngqa e-UK kanti abezicishamlilo e-Portugal bacime imililo engu-14 ngesikhathi esifanayo ngesonto eledlule.

E-Italy, amazinga okushisa akhuphukayo aholele ekutheni kuwe ingxenye ethile yeqhwa lase-Marmeloda. Iqhwa elincibilikile libangele ukuthi kukhithike iqhwa, amanzi kanye namatshe okubulale abantu abangu-11 ababeqwala izintaba. Amavidiyo ale nhlekelele asabalale emhlabeni wonke.

E-Iran e-Middle East, amazinga okushisa afinyelele ku-52 degrees Celsius ngasekupheleni kukaNhlangulana. Ngesikhathi amazinga okushisa angu-40 degrees Celsius engabangela ukushisa okubulalayo, amazinga okushisa angu-50 degrees azodala umonakalo ongenakulungiseka esikhumbeni.

Izehlakalo zezulu ngaleli zinga azikaze zibe khona kanti ongoti bathi zizoba zimbi kakhulu.

Ngaphandle kokungabaza, ochwepheshe besimo sezulu baye bathola ukuthi ukushintsha kwesimo sezulu okwenziwe umuntu kusheshisa ukushisa kunozungezilanga. Kanti njengoba unozungezilanga eqala ukufudumala, ukushisa okukhulu nezinhlekelele zemvelo kuba njalo futhi kushuba nakakhulu.

Uma amazinga okungcola emhlabeni wonke okubangelwa ukukhishwa kwekhabhoni engancishiswa ngokushesha lezi zinhlekelele zizoba zimbi nakakhulu.

Isomiso nemililo izodala ukufuduka kanye nokushona kwabantu abaningi emhlabeni. Izehlakalo zesimo sezulu esibi kakhulu zizoba nemiphumela eyinhlekelele, zizoletha ukusabalala kwendlala, izifo, ukufuduka kwabantu nokungabi namakhaya.

Abaholi bomhlaba bazohlangana ngasekupheleni kwalo nyaka e-Egypt ukuzama ukugwema le nhlekelele ezayo. Inqubekelaphambili yenziwe engqungqutheleni i-Cop26 ye-UN eyayibanjwe ngoLwezi odlule e-UK, kodwa kuzodingeka ukuthy kuthathwe izinyathelo ezinqala e-Cairo ngekusasa likazungezilanga.

Izihloko zakamuva