Itwetwe kwanda isibalo sabantu ababulawayo

Buziwe Nocuze

Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisishiyagalombili ezigamekweni ezintathu ezahlukene zokudubula ezenzeke eKapa ngoMgqibelo.

Emijondolo yase-Riverview e-Citrusdal ngezintatha zangoMgqibelo, izisulu ezintathu okukholakala ukuthi ngezase-Lesotho zishonele endaweni yokucima ukoma.

EKhayelitsha kwa-C amadoda amathathu adutshulwe abulawa ekhoneni lomgwaqo u-Nyebele and Ntango ngabo-8.30 ebusuku.

Ngesikhathi abaseshi bematasa kuleso sigameko esinye isigameko sokudubula senzeke kulona leli lokishi. Abesilisa ababili abebehamba nge-Hyundai Sedan eluhlaza okwesibhakabhaka bahlaselwe abasolwa abebehamba nge-VW Polo emhlophe ababalekile endaweni yesigameko.

“Ugesi ubusanda kubuya ngesikhathi ngizwa kuqhuma isibhamu,” kusho isakhamuzi esicele ukungadalulwa igama.

“Ngicashe ngaphansi kombhede wami ukuze ngingadutshulwa ngesikhathi ngingaphakathi emjondolo wami.”

Lesi sakhamuzi sithe besebeqala ukukushaya indiva ukuqhuma kwezibhamu ngoba into eyenzeka mihla namalanga.

“Siyazi ukuthi isibhamu singaqhuma noma nini. Siyacasha ukuze singadubuleki. Yiyona mpilo esiyiphilayo lena,” kusho isakhamuzi.

Esinye isakhamuzi sithe galo yephuka ukuze sisindise impilo yaso.

“Ngikholwa ukuthi abasolwa bebazi ukuthi bafuna bani ngoba bekunabanye abantu emgwaqeni kodwa badubule izisulu kuphela.

Akazi ukuthi babulaweleni kodwa ukholelwa ukuthi lokhu kuhlobene nempi yamaqembu ezigelekeqe.

“Kuningi okwenzeka lapha. Kunamaqembu ezigebengu nezidakamizwa. Kungaba noma yini,” kusho isakhamuzi.

Okhulumela i-Western Cape uColonel Andre Traut, uthe banesizathu sokukholelwa ukuthi lesi sigameko sihlobene nokudayiswa kwezidakamizwa endaweni. Kodwa kuzoqalwa ngalokhu njengoba uphenyo lwabo luqhubeka.

Akekho oboshiwe kuzo zonke lezi zigameko.

“Sicela umphakathi ukuthi uphumele obala nolwazi olungasisiza ekuphenyeni la macala,” kusho uTraut.

Izihloko zakamuva