Itwetwe kuvuka eyokubangwa kwezikhundla ezikoleni 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Usuqale phansi umbango wezikhundla zokufundisa ezikoleni zikahulumeni KwaZulu-Natal ngemuva kokuthi uthisha edutshulwe kodwa wasinda.

UNksz Thobile Khoza onguthisha esikoleni samabanga aphansi eMakhumbuza eMlazi usinde kulesi sigameko sokudubula ngoMsombuluko. Amaphoyisa asiqinisekisile lesi sigameko, kodwa athi bekungakaboshwa muntu.

UThandeka Ngcobo owake waba iPhini likathishomkhulu osenebhizinisi lokupheka, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umkhakha wokufundisa uyindawo yezimpi.

“Nginqume ukuwushiya lo mkhakha ngoba abantu babulalana bodwa ngenxa yezikhundla. Ngiyajabula ngokuthi umyeni wami wangisekela ngesikhathi ngithatha lesi sinqumo. Ngisendaweni engijabulisayo njengamanje.”

Selokhu kuqale unyaka sekuhlaselwe othisha base-Asiphephe, e-Chief Lokothwayo, Kwacutswayo naseThembelihle.

NgoNhlangulana nyakenye uthisha owayefundisa esikoleni samabanga aphezulu e-Riverdene u-Inga Nzoboyi wadutshulwa wabulawa e-Newlands, enyakatho yeTheku.

Ngasekupheleni kwenyanga edlule iPhini likaThishomkhulu esikoleni samabanga aphansi eSandakahle eMlazi, usinde ngokulambisa ngesikhathi kugasela abantu abebehlomile abangaziwa bevulela ngenhlamvu bebhekise emotweni yalo thisha efika emsebenzini.

Lesi sigameko silandelwe esokushaywa kukathisha ngabesilisa abebehlomile ngezibhamu oThongathi, enyakatho yeTheku. Lokhu kuholele ekutheni uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMbali Frazer ahlanganise ithimba eliphendula ngokushesha ngalo lelo sonto.

“Izikole kufanele zibe indawo ephephile zawo wonke umuntu kanye nezikhungo ezilungele ukufundisa nokufunda, hhayi izinkundla zempi,” kusho uFrazer.

Ophenyweni lwango-2016 olwajutshwa uMnyango wezeMfundo kuzwelonke kulandela izigameko zokubulawa kothisha, iKZN ibalwe phezulu  ebugebengwini bokudayiswa kwezikhala zokufundisa, ilandelwa i-Eastern Cape ne-Limpopo.

Inyunyana yothisha i-South African Democratic Teachers Union (Sadtu) edlelana ne-ANC iyathinteka kulo mbiko.

Inyunyana isiwuphonsele inselelo umbiko.

I-Sadtu ne-National Teachers’ Union igxeka udlame ezikoleni okubangwa kuzo izikhundla.

Khonamanjalo ngoLwesithathu amaphoyisa akuqinisekisile ukuboshwa kwezigebengu ezingenele othisha zabaphuca izimpahla zabo okuhlanganisa omakhalekhukhwini, ubucwebe nama-laptop e-Inchanga nase-Hillcrest, entshonalanga yeTheku.

Isithombe esingenhla: Isikole samabanga aphansi iMakhumbuza

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva