Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Ngemuva kokuthi ingane eneminyaka emine itholwe ngodokotela ukuthi inesimungumungwane ngesonto eledlule, idolobha lase-Tshwane selinxuse abazali ukuthi baqinisekise ukuthi izingane zihambisana nesikhathi sokugoma kwazo.
Angu-14 amacala aseqinisekisiwe kuleli dolobha kusukela ngoNhlaba nyakenye, kanti idolobha lenze umkhankaso wokugoma ukuze kuncishiswe amathuba okuqubuka kwesifo sesimungumungwane.
UNgqongqoshe wezempilo kuleli dolobha uRina Marx uthe usiqaphe ngokukhathazeka isimemezelo sakamuva sokubheduka kwesimungumungwane kuleli kubika i-National Institute for Communicable Diseases (NICD).
UMarx uthe ogcine ukutholakala e-Tshwane nalesi sifo utholakale ngomhlaka-30 kuZibandlela kanti lowo umfanyana oneminyaka emine wase-Hammanskraal.
“NgoZibandlela nyakenye saqalisa umkhankaso wokugomela isimungumungwane ngenhloso yokuvikela izingane, siqondise ikakhulukazi ezinganeni ezisukela ezinyangeni eziyisithupha kuya eminyakeni engu-15. Saphinde sethula umkhankaso wokuqwashisa nokwazisa imiphakathi ngemisakazo yasendaweni nasezinkundleni zokuxhumana,” kusho uMarx etshela i-Scrolla.Africa.
UMarx wengeze ngokuthi bangathanda ukweluleka abazali nabanakekeli bezingane ukuthi balethe izingane kunoma yimiphi imitholampilo ukuze zigonywe.
“Okwamanje azikho izimpawu zokuqubuka kwesimungumungwane e-Tshwane, kodwa isimo siqashwe ngeso lokhozi kanti nethimba limi ngomumo ukuze lilawule lesi simo futhi linqande ukubhebhetheka.”
I-Limpopo, i-Gauteng, i-North West, iMpumalanga kanye ne-Free State zonke lezi zindawo sekukhona abatholakele nalesi sifo.
I-NICD ithe iminyaka yasebethelelekile ezweni lonke isuka ezinyangeni ezimbili iye eminyakeni engu-42, u-44% izingane ezineminyaka emihlanu kuya kwezinemiyaka eziyisishiyagalolunye kanti u-28% izingane ezisuka kunyaka wokuqala kanye nezineminyaka emine.
Isimungumungwane yisifo esithathelanayo. Sivamise ukudlulela komunye umuntu ngokuthintana, ngokusondelana noma ngokuthimula nokukhwehlela.
Sihlasela izingane ezingaphansi konyaka owodwa futhi kungenzeka nakubantwana abadala kanye nakubantu abadala abangagonywanga noma abangakaze baphathwe yilesi sifo phambilini. Umgomo wokuqala wesimungumungwane owezinyanga eziyisithupha kanti owesibili owezinyanga ezingu-12.
Izimpawu zalesi sifo ukukhwehlela, umkhuhlane ongajwayelekile, ikhala elinamafinyila amanzi, amehlo abomvu kanye nokuqubuka.
Esithombeni esingenhla: Idolobha lase-Tshwane eselinxuse abazali nabanakekela izingane ukuthi zigonyelwe isimungumungwane
Umthombo wesithombe: @Detroitalerts