ITunisia ibambane neMali kowe-Afcon

Lubhalwe nguMichael Madyira

IBafana Bafana izobhekana ne-Tunisia ethukuthele futhi ephelelwe yithemba emdlalweni wokugcina ka-Group E we-Africa Cup of Nations ngemuva kokubhekana nobunzima ngoMgqibelo.

I-Carthage Eagles ibambe i-Mali ngo 1-1 e-Stade Amadou Gon Coulibaly okubashiya nephuzu elilodwa emidlalweni emibili.

Lo mphumela ulandela ukuhlulwa i-Namibia ngo 1-0 emdlalweni wokuqala wamaqoqo, okubafaka ngaphansi kwengcindezi ngaphambi komdlalo weBafana ngoLwesithathu.

Kube wumqhudelwano onzima ku-Tunisia obekumele ithole iphuzu ngoMgqibelo.

I-Eagles yase-Mali ibihamba phambili ngomzuzu weshumi ngebhola likaLassine Sinayoko ngaphambi kokuthi ompetha base-Afrika bango-2004 baphendule ngoHamza Rafia emizuzwini ka-20.

Lokhu kushiye i-Tunisia isendaweni yesithathu esicongweni kwathi abasentshonalanga ye-Afrika basahamba phambili eqoqweni ngamaphuzu amane.

I-Mali ingase yehlele endaweni yesibili uma i-Namibia ihlula iBafana namhlanje. 

I-Carthage Eagles ingase yehlele emsileni uma kwenzeka iNingizimu Afrika iqoqa amaphuzu aphezulu kuma-Brave Warriors.

Nokho, i-Tunisia isazoqhubeka nokuba sethubeni lokudlulela esigabeni somkhumulajezi kodwa izodinga ukuhlula iBafana emdlalweni wayo wokugcina wamaqoqo.

Baya kulo mdlalo wokugcina bephelelwe yithemba, okuyinto abangayijwayele.

Baqede endaweni yesithathu emqhudelwaneni wokugcina e-Cameroon kodwa bangeniswa ku-Round 16 ngenhlanhla yokuba ngelinye lamaqembu aphume isithathu kwahamba phambili.

Badlulela kuma-quarter-final.

Esithombeni esingenhla: I-Tunisia ibhekene ne-Mali e-Korhogo

Umthombo wesithombe: CAF

Izihloko zakamuva