Itulo lokuketula uButhelezi kufakwe uZuma

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abaholi bomdabu e-KZN bahlela ukugudluza uMntwana uMangosuthu Buthelezi njengoNdunankulu weSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini bese kungena owayenguMengameli wezwe uJacob Zuma esikhundleni sakhe.

NgeSonto, abaholi bomdabu bahlangane kwaKhangelamankengane emhlanganweni oyimfihlo neSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini ngenhloso yokuqinisa uhlelo lwabo.

NgoMgqibelo, esithangani nabezindaba uButhelezi uveze ukuthi akashenxi emsebenzini wakhe njengoNdunankulu kodwa futhi akafuni ukubambelela emandleni. 

UButhelezi uphinde wakhuluma ngoZuma emsola ngokukhaphela isizwe samaZulu ngokuvimba ukugunyazwa kukaNdunankulu woMdabu esebenzisa iNkantolo yoMthethosisekelo.

Uveze ukuthi uZuma wabafulathela ngesikhathi eseyilungu lesiShayamthetho e-KZN futhi enguSihlalo we-ANC esifundazweni ngasekupheleni kweminyaka yango-1990.

“Sekusondele isikhathi sokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo iqinisekise umthethosisekelo waKwaZulu-Natal, uMnu Jacob Zuma wasifulathela wavimba nezitifiketi. Ngaleyo ndlela i-ANC yamisa ukuhlonishwa kwalesi sikhundla somthetho,” kusho uButhelezi.

UButhelezi usephathe iminyaka engaphezu kuka-70 njengoNdunankulsiyaI-Scrolla.Africa siyaqonda ukuthi abaholi bendabuko baphakamise ukuthi uZuma athathe izintambo zikaButhelezi.

“Uhlelo lokuhlanganisa iSilo samaBandla uMisuzulu kaZwelithini kanye noZuma njengoNdunankulu wendabuko lube impumelelo. Njengamanje sebechitha imihlangano ndawonye njengoba benzile ngesikhathi behambele umcimbi wokuthweswa kweziqu e-UKZN muva nje,” kusho elinye ilungu lendabuko litshela i-Scrolla. Africa.

“Kodwa uButhelezi akaneme neze. Yingakho ehlasele uZuma ngaphandle kwesizathu ngoMgqibelo. Uma ngempela ubekhathazeke ngezinto eziningi, bekufanele agadle noKgalema Motlanthe ngesiphakamiso sakhe sokuthi kuhoxiswe iNgonyama Trust.”

UZuma akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona.

NgoLwesihlanu, kulindeleke ukuthi uButhelezi ahlangane namakhosi eMpangeni, kodwa akucaci ukuthi kuzokhulunywa ngani khona.

Isithombe esingenhla: Uhlelo lokuphuma koMntwana uMangosuthu Buthelezi njengoNdunankulu weNdabuko luyaqhubeka

Izihloko zakamuva