Dylan Bettencourt
Umphathi wase-Portugal uJose Mourinho uxoshwe yiTottenham Hotspur ngemuva kokungenzi kahle, okushiye iqembu lisendaweni engeyinhle.
Isikhundla sikaMourinho sigqemeke engeqiwa ntwala ngemuva kokuthi ezakhe zidedele ukuholwa phambili ngo-2-0 emdlalweni wabo we-Europa League Round 16 bedlala neDinamo Zagreb. ISpurs nayo izithola isendaweni yesikhombisa etafuleni le-English Premier League, ngamaphuzu amane abahlukanise neChelsea
Lowo owayengumphathi weChelsea neManchester United waqala ukugxeka abadlali bakhe ngokungenzi kahle kwekilabhu okungesona neze isibonakaliso esihle esivela kumphathi.
Umphathi oneminyaka engama-58 ubudala uholele iqembu emdlalweni wamanqamu we-Carabao Cup okulindeleke ukuthi ube ngalo leli Sonto lomhla zingama-25 ku-Mbasa, okungahlenga isizini yekilabhu yase-London njengoba bengenayo indebe esikhathini esingaphezu kweminyaka eyishumi.
Le kilabhu ibhale lezi zindaba ku-Twitter ngoMsombuluko ekuseni, zathi: “Iqembu namuhlanje limemezela ukuthi uJose Mourinho nethimba lakhe labaqeqeshi uJoao Sacramento, uNuno Santos, uCarlos Lalin noGiovanni Cerra bakhululiwe emsebenzini wabo.”
Usihlalo wekilabhu, uDaniel Levy uthe uphoxekile ngokuthi ubudlelwano phakathi kukaMourinho neqembu abukwazanga ukufinyelela ezindaweni eziphakeme ababezicanga kodwa umphathi wase-Portugal uzohlala amukelekile kule kilabhu, ebonga abasebenzi ngomsebenzi abawenzile kwezinye izikhathi ezinzima kakhulu zeqembu ikakhulukazi ngesikhathi sobhubhane oluqhubekayo.
Imibiko yokuqala yokuthi ukuxoshwa kukaMourinho kwakuxhunyaniswe nokubamba iqhaza kweTottenham ku-ESL, kungamampunge.
Umthombo wesithombe: @TheAthletic