Lubhalwe nguKarabo Rammutla
UKhuthatso Ngobeni uphase umatikuletsheni ngamalingiso yize echithe unyaka eziqeqeshela ukuba isangoma.
Lo mfundi oneminyaka engu-19, obefunda esikoleni samabanga aphezulu e-J Kekana e-Mamelodi, uthole o-distinction ababili futhi usemukelwe ukuthi ayofundela ubuthishela eNyuvesi yaseGoli (UJ).
Ngesikhathi enza umatikuletsheni ngonyaka odlule uKhuthatso odabuka e-Stinkwater e-Hammanskraal, e-Tshwane washiya isikole ngonyaka ka-2021 ngesikhathi eyohlala kagobela, uSolly Mathebula e-Mamelodi.
Ngo-2022 uMathebula wambuyisela esikoleni ukuze ayoqedela izifundo zakhe.
UKhuthatso washonelwa ngunina esemncane kwathi uma eya kwagobela umndeni wakubo washiya wonke umthwalo ezandleni zikagobela.
“Ubaba wayefika ezongibona, kodwa yonke imithwalo yemali yayikugobela wami. Wangibhalisa ngisho nasesikoleni,” etshela i-Scrolla.Africa.
Uthe nakuba bekunzima ukufunda esikoleni aphinde ayoqeqeshwa njengesangoma, kodwa ukwazile ukuthola ukwesekwa okukhulu.
“Ugobela wami ubenginika isikhala sokufunda, ubengivusa ngovivi ngifunde abuye angisize ngomsebenzi wesikole,” kusho yena.
“Ngonyaka odlule ngakwazi ukuphothula ubizo lwami njengenyanga futhi bese ngilangazelele ukuthola ukuthi ngenza kanjani esikoleni. UMathebula uthe uphatha uKhuthatso njengengane yakhe.
“Ubengenamuntu, kanti njengoba ngizifela ngemfundo ngamtshela ukuthi uma ezoqhubeka nokuqeqeshwa yimina kuzomele aqedele umatikuletsheni wakhe.”
Uthe kumanje ingqinamba enkulu ukuxhasa izifundo zakhe uma eseya eNyuvesi.
“Sisifakile isicelo sika-NSFAS futhi siyathemba ukuthi kuzohamba kahle. Uliphothule ngendlela emangalisayo ubizo lwakhe usezophilisa abantu aphinde adlulisele phambili ulwazi lwakhe.”
Osesithombeni esingenhla: UKhuthatso Ngobeni nogobela wakhe uSolly Mathebula
Umthombo wesithombe: Karabo Rammutla