Ithuba lomsebenzi kwabathanda ushizi 

Uma ungumuntu othanda ushizi uzokujabulela ukuthola isicelo senkampani yocwaningo enikeza ababambiqhaza u-$1,000 (cishe u-R17,000) ukuze bawudle kakhulu.

Inkampani ebizwa ngokuthi i-Sleep Junkie ifuna ababambiqhaza ukuthi babe ingxenye yocwaningo lokuhlolwa ukuthi ingabe ushizi ubangela amaphupho amabi yini noma cha.

Ngokwesikhangiso somsebenzi, labo abazokhethwa ngongoti bale nkampani bazonikezwa uhlu loshizi okufanele bawudle isonto ngalinye.

“Isivivinyo sizofaka noshizi we-vegan kanye ne-lactose kulolu hlu loshizi,” kufundeka isikhangiso.

I-Sleep Junkie ichaze ukuthi ngemuva kokudla ushizi ohlukahlukene bese uyalala, ababambiqhaza kuzodingeka babhale ukuhlolwa kwamaphupho abo, amaphupho amabi kanye nezinga lokulala uma bevuka.

Kulindeleke ukuthi ucwaningo lwezinyanga ezintathu luqale ngoNdasa.

“Ngaphezu kwawo wonke ushizi wamahhala owutholayo uzophinde uthole ngo-$1,000 ekupheleni kwakho konke,” kuphetha isikhangiso.

Incazelo yomsebenzi idinga ukuthi ababambiqhaza ababizwa ngokuthi “ama-dairy dreamers” kumele okungenani babe neminyaka engu-21, balale bodwa, bagcine isimiso sokulala esingaguquki futhi babe newashi elisebenzayo noma i-tracker efanelekile.

Ababambiqhaza akumele babe nezinkinga zokulala njengokuqwasha noma ukungezwani ne-lactose.

Esikhathini esedlule izifundo eziningi zabonisa ukuthi imikhiqizo yobisi efana noshizi ingasiza abantu ukuthi balale.

Ukubuyekezwa okuhlelekile kocwaningo olwenziwa ngo-2020, oluphathelene nobisi nokulala kwathola ukuthi izifundo eziningi eziveze ukuthi imikhiqizo yobisi ene-Tryptophan ingasiza abantu ukuthi balale isikhathi eside phakathi kwezinye izinzuzo.

Luhlanganiswe nguMashudu Mabila

Isithombe ngenhla: Khetha ushizi wakho

Umthombo wesithombe: Stock

Izihloko zakamuva