Ithimba le-CR22 lifuna uMnu Senzo Mchunu abe yiPhini likaMengameli

Celani Sikhakhane

OwayenguNdunankulu waseKZN uSenzo Mchunu kubhekwe ukuthi angene esikhundleni sika-Ace Magashule njengoNobhala-Jikelele we-ANC engqungqutheleni kazwelonke yokukhetha ubuholi ngoZibandlela ngowezi-2022.

UMchunu usezuze inhliziyo yethimba likaMengameli uCyril Ramaphosa eliphusha isileti yemkhankaso we-CR22.

I-CR22 igama elizosetshenziselwa umkhankaso kaCyril Ramaphosa ngowezi-2022 iqembu lakhe engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ezayo. Ngowezi-2017 umkhankaso wakhe waqanjwa ngokuthi i-CR17.

Imibiko iveze ukuthi uMchunu usejoyine izinkakha ezifana noNgqongqoshe uThandi Modise okubikwa ukuthi uzofakwa esikhundleni sokuba yiPhini likaMengameli kanti uFebe Potgieter-Gqubule uzongena esikhundleni njengePhini likaNobhala-Jikelele.

Engqungqutheleni yokukhetha ubuholi eyayise-Nasrec ngowezi-2017, uMchunu ubegaqele isikhundla sikanobhala-jikelele futhi wafakwa ngephutha esiteji njengosedle umhlanganiso ekubeni odle umhlanganiso kwaba uMagashule osamisiwe.

IPhini likaMengameli uDavid Mabuza ulaxazwe ngabalandeli be-CR22.

UMabuza uphinde wakhuzwa ngezinkulumo zakhe ezibonakale ziwumkhankaso wokukhankasela ihlandla lesibili ngaphambi kwengqungquthela.

Uhlu olusha lwe-CR22 oluputshuzelwe i-Independent Media ngoMsombuluko, luveze ukuthi uRamaphosa, uSihlalo we-ANC kazwelonke, uGwede Mantashe kanye noMgcinimafa-jikelele uPaul Mashatile bazozigcina izikhundla zabo ngemuva kwengqungquthela yangonyaka ozayo.

UMnu Pule Mabe ukhwele wadilika kubantu abasohlwini wathi inhloso yabo ukuqinisa uqhekeko ku-ANC.

“I-ANC ayikakhiphi ngisho imihlahlandlela ezinhlakeni mayelana nengqungquthela kazwelonke yowezi-2022. Sisanda kubuya okhethweni lohulumeni basekhaya lapho ukusebenza kwethu kukhombise ukwehla okokhulu ngenxa yezinto eziningi,” kusho uMabe.

Izihloko zakamuva