Ithimba labammeli liveze ubuhle nobubi bomdlalo webhola lombhoxo

Dylan Bettencourt

Sekuvele okusha mayelana nokulimala kwabadlali enkundleni uma bedlala ibhola lombhoxo. 

Ithimba lezomthetho elisebenza ecaleni elibhekene neziphathimandla zebhola lombhoxo mayelana nokulimala kwabadlali ekhanda liveze ukuthi bangaphezu kuka-400 abadlali abasheshe bashona ngenxa yokukhubazeka kwemizwa.

Icala elibhekene neligi yebhola lombhoxo kanye nabadlali bakudala abangu-175 lihlose ukwenza izinguquko ezizovimbela ukulimala kwengqondo isikhathi esizayo.

Icala lithi abaphathi ababusayo bayehluleka ukuvikela abadlali ekubhekaneni nemiphumela emibi yokudlala lo mdlalo owandisa ingozi yokulimala kwengqondo.

Ummeli ophambili kuleli cala uRichard Boardman uthe lesi simo siwubhubhane futhi ubona abadlali bengena engozini isonto nesonto.

“Ezinsukwini ezimbalwa kuleli sonto kuphela abanye babadlali bazizwa bethembekile kulo mdlalo futhi bacabanga ukuthi lo mdlalo kuyahlaselwa kuphela. 

Kodwa-ke sikholelwa ngokuqinile ukuthi akukhona ukuhlasela sizama nje ukusiza abadlali abadonsa kanzima ekuthatheni umhlalaphansi ngenxa yokulimala kwengqondo.

“Okuseqinisweni ukuthi iningi labadlali bamanje nabakudala bebhola lombhoxo basesimeni esingesihle e-UK nasezweni lonkana emaqenjini ebhola lombhoxo futhi lolu ubhubhane olunganakekile,” kusho ummeli. 

UBoardman wengeze ngokuthi bakholelwa kakhulu ekutheni ukulimala kwabadlali engqondweni kuholela ekutheni belahlekelwe izimpilo zabo.

“Sikholwa ukuthi abadlali bebhola lombhoxo abangaphezulu kuka-400 kuwo womabili amakhodi noma ngabe ompetha noma abadlali abasafufusa bashona ngaphambi kwesikhathi kule minyaka eyishumi edlule ngenxa yezimo ezihlobene nokulimala kobuchopho,” kusho ummeli.

Mayelana namaqembu adlala ngaphansi kweligi yebhola lombhoxo ukuzilolonga ngokugcwele kokuxhumana akulawuleki kanti ebholeni lombhoxo kunemikhawulo ekuziqeqesheni ngokugcwele nangokuthintana kwabo.

Abadlali abahlukunyezwe ukulimala noma ukuphazamiseka ngesikhathi besenkundleni bangabuyela ngokugcwele ngemuva kwezinsuku eziyisithupha kuphela, kodwa leli cala likhuthaza ukuthi kushintshwe izinsuku zibe ishumi nanye. 

Icala libonise ukuthi iqembu liziqeqesha ngokuphelele ngaphambi komdlalo onobungozi oshiya abadlali belimele futhi besengozini.

Umthombo wesithombe: @SkySports

Izihloko zakamuva