Ithemba ngokukhumelana umlotha kwe-Russia ne-Ukraine

Celani Sikhakhane

Uma i-Russia izimisele ngezingxoxo, kumele ithole indawo engacheme namuntu.

Lokhu kushiwo uMengameli wase-Ukraine uVolodymyr Zelenskyy okwazile ukuhlangana neRussia.

Lokhu kungemuva kokuthi uMengameli wase-Russia uVladimir Putin ethumele ithimba e-Belarus ukuyobamba izingxoxo ne-Ukraine.

UZelenskyy uthe akafuni ukubamba izingxoxo e-Belarus, waveza ukukhathazeka ngokuthi izwe lisetshenziswa i-Russia njengesango lokuhlasela i-Ukraine.

NgoLwesihlanu, okhulumela i-Kremlin uDmitry Peskov uthe umholi wase-Russia usekulungele ukuthumela ithimba lezinga eliphezulu ukuze lizoxoxisana nethimba lase-Ukraine enkabeni yedolobha yase-Belarusian i-Minsk, eseke yabamba izingxoxo zokuthula ngodaba lwase-Ukraine.

Ekuseni ngeSonto kuvele ukuthi ithimba lase-Russia lifikile e-Minsk ukuzobamba izingxoxo zokuthula.

I-Belarus ingumfelandawonye owethenjwa kakhulu e-Russia kanti amathangi athunyelwe esuka lapho ngoLwesine ngaphambi kokuthi kuhlaselwe i-Ukraine.

I-Russia iveze ukuthi ithimba layo belivele lise-Belarus kodwa kuke kwabikwa ngaphambilini ukuthi amasosha ayo agasele ezindaweni ezithile zamadolobha adumile e-Ukraine acekela phansi amabhilidi amasosha angu-975 angaphansi kwe-Ukraine.

I-Al Jazeera ibike ukuthi amasosha ase-Russia angene e-Kharkiv, idolobha elikhulu kunawo wonke e-Ukraine.

Sekuwusuku lwesine kuqhubueka le MPI njengoba izakhamuzi zibalekela emazweni angomakhelwane.

Izihloko zakamuva