Ithemba ngesisombululo kwele-PSL ne-Chiefs

Menzi Magubane

Kubukeka sengathi i-Kaizer Chiefs ne-Premier Soccer League (i-PSL) sebethole isisombululo.

NgoLwesibili i-PSL imangaze abaningi ngesikhathi ihlela kabusha imidlalo emibili Amakhosi angayihloniphanga ngoZibandlela lapho kwakumele ibhekane ne-Cape Town City kanye ne-Golden Arrows.

Lezi zindaba ziqinisekiswe i-Chiefs ekhiphe isitatimende esiveza izinsuku zemidlalo ehlehlisiwe ezodlalwa ngesonto elizayo.

“Ngemuva kwezinyanga zokungaqiniseki nokungqubuzana kwezomthetho phakathi kwe-PSL ne-Chiefs iligi isibhalele iqembu iqinisekisa izinsuku zemidlalo emibili i-Kaizer Chiefs engakwazanga ukuyidlala ngoZibandlela ngenxa ye-Covid-19 eqenjini lase-Naturena,” kusho isitatimende se-Chiefs.

Isitatimende siqhube ngokuthi umdlalo wasekuhambeni ne-Lamontville Golden Arrows obekumele ube mhla ziyisishiyagalombili ngoZibandlela nyakenye usuzodlalelwa eThekwini ngosuku lwenkululeko. Omunye umdlalo ne-Cape Town City owahlehliselwa umhla zizine kuZibandlela nyakenye manje usuzoba ngomhlaka-30 kuMbasa kulo nyaka enkundleni yase-FNB.

Lesi senzo se-PSL sishaqise abaningi ngemuva kokuthi iligi ifake i-Chiefs eNkantolo eNkulu yase-Gauteng kulandela ukunqoba kweqembu ngecala lokuphikisana neligi ngoNdasa. 

Ngemuva kokuthi i-Chiefs ingakwazanga ukuhlonipha leyo midlalo i-PSL yababizela ekomidini layo lokuqondisa izigwegwe lapho yathwesa Amakhosi ngamaphuzu ayisithupha okumele baphucwe wona anikwe i-City ne-Arrows.

Amakhosi adlulisele lolu daba kwiJaji le-SA Football Association uNazeer Cassim SC owavuna leli qembu wathi imidlalo ayiphindwe.

I-PSL ayizange ijabule ngesinqumo sikaCassim yadlulisela icala eNkantolo eNkulu. Icala bekumele liqulwe mhla ziyishumi kuNhlaba. 

I-PSL isazophawula ngesitatimende saMakhosi ngoba akukacaci ukuthi icala elifakwe eNkantolo eNkulu lisaqhubeka noma cha. Kodwa ngokwesitatimende se-Chiefs kubukeka sengathi icala selichithiwe.

Kuzocaca nokho ukuthi la maqembu womabili azoyihlonipha yini imidlalo yawo ne-Chiefs ikakhulukazi i-City eyaphumela obala ngokuthi ngeke iwuphinde umdlalo wayo ne-Chiefs ngemuva kokuthi uCassim eyalele ukuthi imidlalo iphindwe.

Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma

Scrolla World Cup Quiz