Ithemba kubuya uMane eSenegal

Menzi Magubane

Abalandeli be-Senegal sebengabuyelwa yithemba njengoba  ukaputeni we-Lions of Teranga, uSadio Mane, eseluleme ngemuva kokushayisana nonozinti we-Cape Verde, uVozinha ngoLwesibili ebusuku.

Lo mgadli ufake isithombe sakhe esesibhedlela noVozinha ukukhombisa ukuthi konke kuhamba kahle.

La badlali ababili bashayisane emoyeni ngomzuzu ka-53 emdlalweni wesigaba somkhumulajezi lapho i-Senegal edlulele phambili ngo-2-0.

Bekunovalo lokuthi mhlawumbe uMane ulimale kakhulu kodwa umdlali we-Liverpool ukwazile ukuqhubeka nomdlalo. UMane ushaye igoli elihle ngemuva kwemizuzu eyisithupha kodwa uVozinha akabange esakwazi ukuqhubeka nomdlalo. Uye wanikwa ikhadi elibomvu ngokudlalisa uMane kabi.

Ngemuva kwegoli lakhe alishaye ngomzuzu ka-63, uMane ukwazile ukudlala eminye imizuzu eyisikhombisa kodwa kwafakwa omunye umuntu esikhundleni sakhe ngoba kusolwa ukuthi ulimale kakhulu.

Isinqumo sokumvumela ukuthi adlale ngemuva kokulimala asizange sehle kahle kubalandeli be-Liverpool. Izikhulu zebhola lase-Senegal zigxekwe kakhulu ngemuva kokuthi lesi sihlabani silimale.

“Bekufanele uSadio Mane akhishwe ngokushesha ngemuva kokulimala,” kusho omunye umsebenzisi we-Twitter othukuthele.

UYuri ubhale ku-Twitter wathi “uMane bekufanele akhishwe ngemuva kokushayisana kodwa ngiyacabanga ukuthi umthetho webhola lase-Afrika  kulindeleke ukuthi uziqinise”.

Abanye bathe bekuyanyanyisa ukubona uMane evunyelwa ukudlala ngemuva kokuthi kubonakale ukuthi ushayeke kabi ekhanda.

“UMane ushaye igoli ngemuva kokulimala. Kodwa bekumele bemkhiphe ngesikhathi lokhu kwenzeka. Ushayeke kabi impela,” kubhale omunye umlandeli ku-Twitter.

Kulindeleke ukuthi uMane aphinde ahole i-Lions emdlalweni wayo ne-Equatorial Guinea noma neMali ngeSonto emdlalweni wamaqembu ayisishiyagalombili aphumelele.

Umthombo wesithombe: @sadiomane10FP

Izihloko zakamuva