Ithemba emndenini kutholakala isidumbu esivumbululwe imvula

Celani Sikhakhane

Izimvula ezinamandla ezihlasele ezinye izingxenye KwaZulu-Natal ziphinde zaletha ithemba emndenini olahlekelwe izihlobo eziyishumi ngesikhathi kunezikhukhula ngenyanga edlule.

Umndeni wakwaMdlalose eMzinyathi eNanda uchaze izikhukhula zangempelasonto njenge sibusiso esizosiza ekubuyiseni izihlobo ezine ezilahlekile.

UThokozani Mdlalose utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngeSonto ngemuva kwemvula enamandla ehlasele eThekwini isidumbu abakholwa ukuthi ngesikadadewabo sivumbululwe izikhukhula.

“Ngilungiselela ukuphindela eThekwini ngiyoqinisekisa ukuthi nguye ngempela yini. Indawo okutholwe kuyo isidumbu ayikude nasekhaya ikakhulukazi lapho kulandwe khona abanye,” kusho uMdlalose.

“Ngakho ngikholwa ukuthi imvula yakamuva isiphenduke isibusiso kuthina ngoba izidumbu eziningi ezigqitshwe ngaphansi kwesihlabathi nemfucumfucu zizokhishwa yilezi zikhukhula.”

Uzosuka eGoli alibhekise eThekwini lapho ezohlolwa khona ulibofuzo ngoba isidumbu besingakahlonzwa.

UMdlalose walahlekelwa indlu yakhe ngesikhathi izikhukhula zimuka nomuzi ngoMbasa. Izidumbu zamalungu omndeni ayisithupha kwayishumi ezalahleka sezitholakele zangcwatshwa.

Imvula eqale ngoMgqibelo idale umonakalo omkhulu eThekwini namaphethelo.

E-Adams Mission eningizimu yedolobha kutholwe owesilisa nezingane ezintathu beshonile ngemuva kokuthi iveni abebehamba ngalo ligugulwe izikhukhula ngoMgqibelo.

Ingane eneminyaka eyisithupha kamakhelwane walo wesilisa ayitholakalanga.

Uhulumeni wase-KZN usenxuse abantu abanemizi ezindaweni ezingezinhle ukuthi baphume ngokushesha ukuze kugwemeke ingozi.

Izindawo ezifana nesifunda i-Lembe, i-Zululand, uMkhanyakude nazo zike zathinteka.

Lezi zikhukhula zakamuva ziqhamuke ngesikhathi iningi labantu lisadonsa kanzima ngokwakha izindlu kanti abanye basahlala ezindlini zesikhashana ezifana namasonto namahholo omphakathi.

Izihloko zakamuva