Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMasipala weTheku usuvale izinkampani ezingu-32 ukuthola amathenda kamasipala ngemuva kokuthola ukuthi ziyathinteka enkohlakalweni.
Ithula umbiko wayo wokuqala wezinsuku ezingu-100, iMeya uMnuz Cyril Xaba ithe ezinye izinkampani zinokushayisana nemigomo ngenxa yokuthi abaqondisi bazo basebenzela umbuso, ezinye bezingawuqedi umsebenzi futhi zingawenzi ngendlela, ezinye zenza umkhonyovu, noma ziyasebenzisana ukuze zikhwabanisele iTheku.
“Sithathe izinyathelo ezinqala zokuqeda inkohlakalo nokungaphathi kahle okuvela kubahlinzeki bezinsiza. Ngenyanga edlule, idolobha lifake ohlwini izinkampani eziyisishiyagalombili okwenza zifinyelele ku-32 isibalo sezinkampani ezivinjelwe ngenxa yenkohlakalo.
Lesi sinqumo sibenza bangabe besakwazi ukubamba iqhaza ohlelweni lokuthengwa kwempahla kamasipala.
Sekunesikhathi idolobha lidonsa kanzima nezinkampani ezikhohlakele, okuholele ekutheni liqashe abaphenyi abafana ne-Manase noNgubane & Co ukuze bavumbulule ububi obuhlanganisa ukungayithobeli imithetho yethenda yezimo eziphuthumayo.
UXaba uphinde wamemezela ukuthi idolobha lizokwakhela abagilwa bezikhukhula abahlala ezindlini zesikhashana kusukela ngoMbasa ka-2022. Iziza eziyisithupha sezigunyaziwe ukwakha lezi zindlu.
Ubuye wathi umasipala usebenzise yonke imali yawo eyisibonelelo sikahulumeni yezinhlekelele engu-R1.2 billion ukulungisa imigwaqo namapayipi amanzi alinyazwa yizikhukhula zango-2022.
Esithombeni esingenhla: IMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba imemezele ukuvinjwa kwezinkampani ezingu-32 ukwenza umsebenzi wamathenda nomasipala.
Umthombo: X
