ITheku nomfanekiso wezithombe zabaholi be-ANC kaR20m

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Ngemuva kweminyaka emihlanu sezize zafika izithombe ezibaziwe zegolide.

Sekuqubuke imibuzo kwizikhulu zikaMasipala weTheku ngemuva kokufika kwezithombe ezibaziwe ezimbili zezingqalabutho zomzabalazo uNelson Mandela no-Oliver Tambo zivela e-China.

Ngo-2018 kwavela amahlebezi okuthi iTheku lalihlose ukugunyaza u-R20 million wokwakhiwa kwezithombe ezibaziwe ezimbili ezingamamitha angu-9 ubude.

Amahlebezi achithwa ngowayekhulumela i-ANC ngaleso sikhathi uMnu Zizi Kodwa kanye nezikhulu zeTheku.

“Izikhulu eziphezulu zeTheku zaphika zashaya phansi ngonyawo mayelana ngokugunyazwa kwale mifanekiso ebaziwe engu-R20 million.

Siyamangala futhi siyazibuza ukuthi bazothini njengoba i-China ilethe into abayiphika phambilini,” kusho isikhulu esiphezulu.

“Le mifanekiso isagcinwe ndawana thize futhi akukho sinqumo esithathiwe ngokuthi izobekwa kuphi. Abanye osopolitiki bafuna zibekwe eMgababa lapho u-Oliver Tambo avakashela khona okokuqala ngemuva kokubuya ekudingisweni. Abanye bafuna ukuthi zibekwe e-Durban City Hall ukuheha izivakashi.”

Omunye umthombo uthe kuke kwaba nesikhathi lapho iTheku belingasazimisele ngokukhokha, kodwa i-China yagcizelela ukuthi ifuna imali yayo.

Uthe i-China yaze yathi  noma ingayicekela phansi le mifanekiso, kodwa iyayifuna imali yayo.

Ngonyaka odlule uMasipala weTheku waqinisekisa ukugunyazwa kwalemifanekiso eyayisikulungele ukuthunyelwa kuleli isuka e-China.

IPhini leMeya yeTheku uZandile Myeni utshele i-Scrolla.Africa ukuthi: “Ngeke bakwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba kuhlelwa ukuthi ludingidwe emhlanganweni olandelayo womkhandlu.

UMasipala wawulindele ukuthi izithombe ezibaziwe zifike ngonyaka odlule, kodwa impi yase-Ukraine yabambezela lezo zinhlelo.

Inhloko yezokuxhumana eThekwini, uNksz Lindiwe Khuzwayo uthembise ukuthi uzoyiphendula imibuzo ye-Scrolla.Africa kodwa wehluleka ukuyiphendula ngaphambi kokuthi ishicilelwe.

Esithombeni esingenhla: Izithombe ezibaziwe ezinkulu ezikhombisa umfanekiso kaNelson Mandela no-Oliver Tambo esezifike eThekwini

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva