Ithanga elikhulu liphule irekhodi laseNingizimu Afrika

Arthur Greene

Leli thanga likhulu ngendlela yokuthi uCinderella, isoka lakhe, odadewabo ababili abangazalwa nguyise kanye nomama wakhe okhohlakele ongamzali ngokwegazi, bonke bangangena banele ngaphakathi kulo!

Ezinsukwini eziyikhulu nje kuphela, umlimi uWilliam le Grange utshale ithanga elinesisindo esingu-867,5kg – okuyisisindo esisinda kakhulu kunazo wonke amathanga eseke alinywa eNingizimu Afrika.

ULe Grange, umphathi wepulazi eliseduze nase-Mossel Bay, uhlomule umklomelo wokuqala emncintiswaneni omkhulu wamathanga emkhosini wezolimo obuse-Heidelberg eNtshonalanga yeKapa.

Ngesikhathi lethulwa, amajaji alo mncintiswano waminyaka yonke kubikwa ukuthi amangazwe yisithelo esikhulu esisawolintshi. (Yebo, amathanga empeleni ayisithelo.)

Ithanga bekudingeka likhishwe ngokucophelela esikhwameni salo nge-crane.

ULe Grange utshele uLandbou ukuthi lesi sithelo sethanga ngesikhathi sisakhula besidinga amanzi aphakathi kwamalitha angama-200 kuya kwangama-700 ngosuku.

Umnikazi ozigqajayo wengeze ngokuthi isisindo salo kwesinye isikhathi besikhuphuka ngama-25kg ngosuku olulodwa.

Lihlula ithanga lase-Riversdale, eNtshonalanga yeKapa eseliqophe amarekhodi phambilini, futhi elinesisindo esingama-860kg elathatha isicoco nyakenye.

Ithanga likaLe Grange alinawo umlando werokhedi lomhlaba. Lelo rekhodi eliqhakazile elethanga lase-Belgium elatshalwa ngowe-2016 nguMathias Willemijns futhi lalinesisindo esiyi-1190,49kg.

Izihloko zakamuva