iTemate! ULlayn unikeza abalandeli ingoma entsha

Sizwe Sibiya

Uqale wangqongqoza eminyangweni yemboni yomculo ngonyaka owedlule ngengoma yakhe yokuqala eyashisa izikhotha, i-“Qonqo”.

Manje isihlabani esikhulayo esizalelwa eThekwini uLlayn (ophimiseka ngokuthi “ulane”) ubuyile nelinye iculo elishisa izikhotha, kanti leli libizwa ngokuthi “iTemate.”

Isihloko sengoma yigama elisetshenziswa kakhulu ngabantu baseThekwini abakhuluma isiZulu uma kukhona okubi okuzokwenzeka. Isibonelo, uma ingane isizoshaywa ngumzali.

Kuphathelene “nendlela yokuphila yasemalokishini,” kusho uLlayn etshela i-Scrolla.Africa.

“Kususelwa kumlingisi ongumfana waselokishini onemali eningi ofuna ukuphila impilo emnandi. Ngakho-ke uma eqhamuka wonke umuntu uthi ‘iTemate’ ngoba bayazi ukuthi sekuzobukwa yena,” kuchaza yena.

ULlayn uthe isizathu esenza ukuthi abeseThekwini namanje nokuthi angalandeli indlela ethathwe ngabaningi yokuya eGoli, yingoba iTheku liyi-Hawaii yaseNingizimu Afrika, lapho okwenzeka khona konke okumnandi.

Ngisho nangemuva kokukhonjiswa ku-Channel O nakumavidiyo omculo ayishumi ahamba phambili ku-MTV ngonyaka odlule ngengoma ethi  “Qonqo,” uLlayn uphila ngomthetho othi “udinga ukwenza kuqala ekhaya ngaphambi kokuthi wenze kakhulu kwezinye izindawo.”

Njengoba eqale umsebenzi wakhe ngowezi-2014 uLlayn uthe ukholwa wukuthi umculo ubumubiza. Unama “movie” amaningi awaxoxa  ngomculo.

ULlayn, ogama lakhe langempela nguZolani Mbhele, uchaze wathi: “Isifiso sami ukushintsha wonke umdlalo. Awekho ama-movie anele. Uma ngithi ama-movie, ngiqonde ukuthi abanye abantu kulezi zinsuku benza umculo bengaqapheli ukuthi kunendaba okufanele ixoxwe.”

Lo mculi uveze ukuthi njengamanje usebenza kwi-EP eyiqoqo lezindaba zaseKasi.

Izihloko zakamuva