ISweden neFinland bafuna ukujoyina i-Nato

Dylan Bettencourt

I-Sweden ne-Finland bafake isicelo sokujoyina umfelandawonye wezempi we-Nato ngenxa yokuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.

Ngenxa yokwesabela ukuphepha kwabo i-Sweden ne-Finland bafake isicelo sokujoyina umfelandawonye ohlinzeka ngosizo lwezimpi uma kwenzeka kuhlaselwa. 

Unobhala-jikelele we-Nato uJens Stoltenberg weseke izicelo zezizwe zase-Nordic.

“Ngamukela ngemfudumalo izicelo ze-Finland ne-Sweden zokujoyina i-Nato. Ningabalingani bethu abasondelene kakhulu,” kusho uStoltenberg etshela amanxusa amazwe amabili. Uchaze lokhu “njengesinyathelo esiyingqopha-mlando kanye nosuku oluhle ngesikhathi esibucayi sokuphepha.”

Amanxusa amazwe angamalungu e-NATO kuthiwa azoxoxa ngazo zombili lezi zicelo ngoLwesithathu kanti angaqala maduze uhlelo lwezingxoxo ezisemthethweni ne-Sweden ne-Finland.

I-Turkey kuphela ephakamise ukuphikisa futhi lokho kungase kubambezele inqubo. Wonke amazwe angamalungu e-Nato kufanele agunyaze izicelo zokujoyina umfelandawonye.

Inkinga yase-Turkey ngokusho kukaMengameli uRecept Tayyip Erdogan ukwesekwa womabili la mazwe anikeze amaqembu ezempi ama-Kurd. Okunye okuyinkinga ukumiswa kwe-Sweden ukuthengiswa kwezikhali e-Turkey ngonyaka ka-2019 ngenxa yemisebenzi yase-Turkey e-Syria.

Uma izicelo zamukelwe i-Nato kufanele igunyazwe yiwo wonke amazwe angu-30. Lonke lolu hlelo lungathatha unyaka, kodwa ngokusho kwe-Nato lezi zicelo ezimbili zizosheshiswa.

“Izintshisekelo zokuphepha zabo bonke ababambisene kufanele zicatshangelwe futhi sizimisele ukubhekana nazo zonke izinkinga futhi sifinyelele esiphethweni ngokushesha,” kusho uStoltenberg.

I-Russia yahlasela i-Ukraine ngoNhlolanja ngemuva kokuthi i-Ukraine imemezele intshisekelo yokujoyina i-Nato enamalungu aphethe izikhali zenuzi njengoba nayo i-Russia yenza.

I-Russia yabona ukuthi omakhelwane bayo bazofinyelela ekutholeni izikhali zenuzi ngemuva kwalokho bakhetha ukuhlasela. Nakuba i-Sweden ingekho emngceleni we-Russia, kodwa i-Finland ikhona.

I-Finland yaziwa ngokungathathi hlangothi ezimpini zomakhelwane. Nasempini yesibili yomhlaba ayizange ibambe qhaza.

UMengameli wase-Russia uVladimir Putin akakaphenduli ngezicelo ze-Sweden ne-Finland kwi-Nato.

Umthombo wesithombe: @Nato

Izihloko zakamuva