ISwallows isandizela phezulu kunobekulindelekile

Menzi Magubane

Umqeqeshi weSwallows uBrandon Truter unesiqiniseko sokuthi iqembu lakhe lingancintisana nanoma yiliphi iqembu kwi-DStv Premiership ebangwayo.

Iqembu likaTruter libambe iCape Town City ngokulingana ngo 1-1 ekhaya ukugcina irekhodi labo lokungahlulwa. 

“Bekuwumdlalo onzima. Sizolithatha iphuzu, futhi kuhle ngoba silokhu singahlulwa. Kodwa size lapha ukuthola wonke amaphuzu amathathu. Ngokwami ​​ngikholwa ukuthi, singancintisana nanoma yiliphi iqembu kule ligi,” kusho uTruter.

Iphuzu elitholwe iSwallows liyigcina isendaweni yesithathu kwi-log, isele ngamaphuzu amabili ngemuva kweSuperSport United esendaweni yesibili iphinde isale ngayisithupha ngemuva kwabaholi iMamelodi Sundowns.

ISwallows ikwazile ukubhidliza umdlalo ngemizuzu eyi-13 ngegoli likaKgaogelo Sekgota.

UMduduzi Madantsane ulinganisele iqembu lasekhaya ngemuva kwemizuzu engama-33 ngephenalthi.

Maphakathi nomdlalo iSwallows isale namadoda ayishumi.

UJunaid Sait ukhishelwe ikhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uMpho Makola.

Umsizi womqeqeshi uThabane Makhura uphinde wakhishelwa ikhadi elibomvu ngokukhononda kakhulu.

“Ikhadi elibomvu lisifakele ingcindezi. Kodwa bekufanele ngabe senze kangcono yize besishoda ngomdlali. Siwuqedile umdlalo ngamandla futhi bekufanele ngabe sishaye igoli sawunqoba umdlalo. Futhi ngiyavuma ukuthi sigcwale sonke emuva, ngemuva kokuba sishodelwe ngumdlali.”

Iphuzu leCape Town City libabona behlala endaweni yesikhombisa ngemuva kwemidlalo eyi-17. Njengamanje banamaphuzu angama-24 aqinisa indawo yabo endaweni ephuzulu yesishiyagalombili.

Khonamanjalo, iTshakhuma Tsha Madzivhandila iyaqhubeka nefomu yayo enhle abafika nayo. NgeSonto banqobe umdlalo wabo wesibili ulandelana ngemuva kokushaya iStellenbosch ngelilodwa eqandeni.

Ukunqoba kubenze babambana endaweni yeshumi nambili neChippa United kanye neStellies bonke banamaphuzu ayi-15.

Eminye imiphumela ye-Premiership

Kaizer Chiefs 1-1 iSuperSport United; Baroka 2-1 Black Leopards; Chippa 1-1 TS Galaxy.

Umthombo wesithombe: @Swallowsfc

Izihloko zakamuva