ISuperSport United iwashiswe ijezi koweCAF

Lubhalwe nguMichael Madyira

ISuperSport United iphumile ku-CAF Confederation Cup ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 1-1 ku-Group A bebhekene ne-Modern Future ngeSonto enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba.

Izivakashi zase-Egypt zihambe phambili ngegoli lika-Ali Zaazaa ngomzuzu ka-31 ngaphambi kokuthi iSuperSport iphendule ngegoli likaTendamudzimu Matodzi.

Njengoba sebesele nomdlalo owodwa weqoqo, abafana bakaGavin Hunt ngeke badlulele kuma-quarter-final ngisho noma bengahlula i-USM Alger ngeSonto elizayo.

ISuperSport ihlezi emsileni ngamaphuzu amane emidlalweni emihlanu.

U-Ime Okon ubengukaputeni weSuperSport ngokumangazayo ngesikhathi umdlali wasemuva u-Aphiwe Baliti edlala okokuqala eqenjini lakhe elikhulu, kwathi uMatodzi, uSelaelo Rasebotja, uYandisa Mfolozi badlala isikhathi esincane kulo mdlalo.

Iqembu eliqokwe uHunt limangaze abaningi njengoba izihlabani ezinesipiliyoni okubalwa kuzo umgadli uTerrence Dzvukamanja, uThulani Hlatshwayo, uLyle Lakay kanye Siyanda Xulu bebe sebhentshini.

Umakadebona uBradley Grobler nomdlali wasemuva onamava u-Onismor Bhasera bebengekho eqenjini kodwa bajabulele umdlalo omuhle kaPhathutshedzo Nange.

I-Future idlale ngaphandle komdlali wasesiswini olimele uKajally Drammeh obolekwe kuCape Town City.

Izivakashi zenze kahle zisuka nje zafakela ingcindezi unozinti weSuperSport uRicardo Goss ngemuva kwemizuzu eyishumi umdlalo uqalile ngebhola elinzima lika-Ahmed Atef.

UBaliti ube eseqala ukungenela kulo mdlalo ngemuva kwemizuzu emibili, evimba u-Ali Yasser kwathi u-Okon naye wenza ukungenelela okubalulekile.

I-Future ibe isiklonyeliswa ngegoli likaZaazaa yase izihola phambili ngemuva kokuthatha ibhola eliphuma ku-Atef.

Kodwa u-Etiosa Ighodaro ucishe washayela iqembu lasekhaya igoli kodwa washayela ibhola phezulu ebeligotshwe uMatodzi.

Ngesikhathi kuyiwa ekhefini, iSuperSport icishe yalinganisa ngegoli likaHlatshwayo ongene ngekhanda ibhola lakhe lavinjwa unozinti we-Future uMahmoud Gennesh.

Iqembu lase-Tshwane libonakale lithembele emabholeni aphezulu nokuyinto egcine ithele izithelo ezinhle ngegoli likaMatodzi.

Bekuwumdlalo onzima kuSuperSport engakwazanga ukushaya igoli kuze kwaba ngomzuzu wokugcina.

Esithombeni esingenhla: Umdlali weSuperSport United uPhathutshedzo Nange

Umthombo wesithombe: SuperSport United

Izihloko zakamuva