ISunrisers Eastern Cape inenebule iPretoria Capitals kowe-SA20 

Lubhalwe nguRazeen Gutta

ISunrisers Eastern Cape ishaye iPretoria Capitals ngamawikhethi amane kowamanqamu we-SA20 emdlalweni ojabulisayo e-Wanderers ngesizini yayo yokuqala.

Ngemuva kokungena esigabeni somkhumulajezi, iqembu lika-Aiden Markram lidlale kahle kakhulu. Iqembu lase-Eastern Cape liwine i-toss lakhetha ukungena kuqala lathatha wonke amawikhethi ayishumi ukwehlisa i-Capitals ngamaphuzu angu-135 kuphela.

URoelof van der Merwe nguyena oqokwe kwabaphosayo wathatha amabhola amane kwangu-34 kuma-overs akhe amane. UKusal Mendis uyena yedwa oshayele iPretoria amabhola angu-20, obebukeka ehambela phezulu eqenjini eliqhwakele esigabeni seligi ngokuwina imidlalo eyisikhombisa kweyishumi.

I-Sunrisers ihlezi ibukeka inethezekile njengoba u-Adam Rossington eshaye amabhola angu-57 kumawikhethi angu-30 ​​phezulu kwi-oda.

Ama-maximus ayisikhombisa kwi-innings yesibili athokozise izihlwele ze-Bull Ring kanti uMarco Jansen ujabulise abantu ngesikhathi eshaya ama-runs okugcina ngamabhola ayisithupha futhi. Umdlalo uwinwe sekusele amawikhethi amane kanye namabhola angu-22.

Umdlali ovelele kulo mdlalo uVan der Merwe uthe ngemuva komdlalo iqembu likhululekile ukudlala ndawonye ngesikhathi esifanele.

“Impela ngijabule. Ngikhathele. Abafana badlale umdlalo ongakholakali namuhla. Bajabule kakhulu. Abafana bangene efomini ngemuva kwesikhashana sithole isikhathi sokwazana kangcono. Kumnandi ukuwina lapha e-Wanderers namuhla,” esho.

Esithombe esingenhla: ISunrisers Eastern Cape

Umthombo wesithombe: @SACricketmag

Izihloko zakamuva