ISundowns yephule irekhodi leChiefs lokungahlulwa

Timmy T Maranda

IMamelodi Sundowns iphule umjaho omude weKaizer Chiefs wokungahlulwa emidlalweni eyi-19 futhi yaqhubeka nokungahlulwa koweligi.

ISundowns isilule lo mjaho yafinyelela emidlalweni engama-20 we-DStv Premiership kulandela ukunqoba ngo 2-1 bebhekene neChippa United e-Sisa Dukashe Stadium.

Ukunqoba kwamaBrazilians kwandise igebe phezu kwe-log afinyelela kumaphuzu ayisithupha etafuleni kusasele imidlalo emibili esandleni, ngaphambi kwaMaZulu asendaweni yesibili.

Khonamanjalo, iChippa United ihleli endaweni ebekelwe izembe kanye neBlack Leopards, ngemuva kokuhlulwa yiSundowns ebindiza phezulu.

UThemba Zwane usize iMamelodi Sundowns ngephenalthi ngemuva kokuthi u-Aubrey Modiba edlaliswe kabi ebhokisini. UZwane uguqule izinto lapho.

Lo mdlali odabuka e-Nigeria u-Augustine Kwem uvulele abafana beChilli izinto, ehlula uDenis Onyango ukuze balingane.

Kodwa-ke, kube ngumdlali odabuka e-Namibia uPeter Shalulile oshaye igoli lokunqoba eqenjini leMamelodi Sundowns ukugudluza iChippa United.

Emidlalweni engama-20, iMamelodi Sundowns isinqobe imidlalo eyi-13 yadlala ngokulingana eyisikhombisa koweligi.

NgoLwesine, iMamelodi Sundowns izogxila ekuvikeleni isicoco se-Nedbank Cup ne-Orlando Pirates eLoftus Versfeld Stadium ePitoli, umdlalo uzoqala ngo-18: 00.

Umthombo wesithombe: @Masandawana