ISundowns yehlukile ukushaya amagoli emidlalweni emibili  

Lubhalwe nguMichael Madyira

IMamelodi Sundowns ihluleke yancama ukuwina umdlalo we-Premier Soccer League okwesibili ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 0-0 neSwallows FC enkundleni yezemidlalo i-Dobsonville.

Bekungomunye futhi umdlalo lapho iSundowns eyehluleke khona ukushaya igoli ngemuva komphumela ofanayo ibhekene neCape Town City ngesikhathi idlala ngabadlali abayishumi ngoLwesibili olwedlule.

Ngaleyo ntambama kuvele kwacaca ukuthi iSundowns iyehluleka ukusebenzisa ithuba lokwephula irekhodi lamaphuzu angu-78 kwiligi.

Okokuqala ngqa kusukela ngoNhlaba nyakenye ukuthi bahluleke ukuwina imidlalo emibili yeligi ilandelana.

Ngokolunye uhlangothi leli bekuyiphuzu elibalulekile kwiSwallows eshiya  iMaritzburg United esemsileni ngamaphuzu amane.

Kunozinti weSundowns uRonwen Williams bekuwumdlalo wakhe wesi-16 kule sizini kwiligi engangenelwa goli.

Manje usedinga umdlalo owodwa ukuze alinganise irekhodi le-PSL eliphethwe uMoeneeb Joseph lokuvimba amabhola kahle emidlalweni engu-17 ngesikhathi edlala kwi-Orlando Pirates ngesizini ka-2010/11.

Umqeqeshi weSundowns uRhulani Mokwena ufake uThemba Zwane noMarcelo Allende besuka ebhentshini ngesikhathi uCassius Mailula ephunyuzwa.

Umgadli weSwallows u-Evans Rusike ubuyile ngemuva kokuphuthelwa uhambo lwabo bebhekene naMaZulu ngempelasonto edlule.

ISundowns ithwale kanzima ukwakha amathuba kanti kube iSwallows eqale yasabisa ngeshodi likaTshediso Patjie nokuyibhola elivinjwe uWilliams ngomzuzu wesi-14.

ISwallows iphinde yabuya ngemuva kokuthi uRusike ephuce uGrant Kekana ibhola kodwa uye waphuza ukukhahlela wavumela umdlali wasemuva weSundowns ukuthi avimbe ibhola.

Indlela iSundowns eziphathe ngayo ikhombise ukuthi ikhululekile, ayizimisele ngalutho nokuthi igculisekile ngokuthi isisitholile isicoco seligi.

ISundowns ayenzanga lutho olutheni ukuhlupha izimbangi zayo zase-Soweto ezehlulekile ukusebenzisa ithuba ngesikhathi iSundowns ikhululekile.

Kodwa ngaphambi kokuthi kushaye ihora umdlalo uqalile uPeter Shalulile ushaye ishodi kunozinti weSwallows uDaniel Akpeyi ohlenge ibhola ebelilibi.

Indlela uShalulile abeqale ngayo ukugeja amathuba ibithusa kanti ngomuzuzu ka-68 uye wakhahlela ibhola phezu kwepali ebhekene nenethi engenalutho ngemuva kokuthi u-Akpeyi ehlulekile ukunqaka ibhola.

UGaston Sirino ongene endaweni yakhe ube neshodi elichithwe u-Akpeyi sekusele umzuzu owodwa kuphele umdlalo nobekuyithuba lokugcina leSundowns kulo mdlalo.

Esithombeni esingenhla: Umdlali wasesiswini weSwallows uJunaid Sait ebhekene nomgadli weSundowns uPeter Shalulile

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva