Lubhalwe nguMichael Madyira
I-Al Ahly ithathe izintambo kwi-Wydad Casablanca njengembangi enkulu yeMamelodi Sundowns kwi-Caf Champions League.
Bekunomkhuba wokuthi iSundowns ibhekane ne-Wydad njalo ngesizini kodwa manje sekuyi-Al Ahly esiphenduke isitha.
ISundowns kanye neqembu lase-Cairo baphinde babhekena kule sizini embangweni wabo ku-Group B we-Champions League.
Manje sekuyisizini yesine kulandelana iSundowns ibhekana neqembu lase-Egypt ebhekane nalo esigabeni samaqoqo.
La maqembu amabili abhekane kuma-quarter-final emqhudelwaneni wango-2019/20 ngemuva kokuthi ehlangane kwayisishiyagalombili wokugcina ngesizini edlule.
“Yebo, kule minyaka edlule sekube umdlalo omkhulu kakhulu phakathi kweSundowns ne-Al Ahly kanti ngokufanayo uma lo mdlalo udlalelwa ekhaya noma ngaphandle kwezwe kuzodingeka amasu amakhulu,” kusho umqeqeshi weSundowns uRhulani Mokwena ephendula ngomdlalo wakamuva.
“Kuzoba namaqhinga futhi sikulindele lokho, ikakhulukazi ngoba siyazi ukuthi i-Al Ahly ihlezi idlala kanjani uma ibhekene neSundowns.”
Ezigamekweni eziyisithupha la maqembu ase-Afrika asehlangane kaningi eminyakeni yakamuva nje, iSundowns yawina kathathu okuhlanganisa nokuwina ngesizini edlule kanye nokujezisa i-Al Ahly ngo 5-0 ngoMbasa ngo-2019.
Iqembu lase-North Africa liwine kabili omunye umdlalo waphela zibambene.
Ngaphambi kwembangi entsha i-Al Ahly, iSundowns idlale amahlandla ayishumi ne-Wydad Casablanca phakathi kuka-2017 no-2020.
Kube ngomunye wemidlalo emikhulu emqhudelwaneni wamaqembu kwi-Caf.
Iqembu lase-Morocco eliye laphumelele ngaleso sikhathi, lawina kane libhekene neSundowns, kanti iSundowns iye yawina kathathu baphinde badlale ngokulingana kathathu.
Ngemuva kokuhlula i-Al Ahly kabili kanye nokungena kuma-quarter-final ngesizini edlule, iSundowns iye yaphoxa ngesikhathi yehluleka ukungena kwayisishiyagalombili ihlulwa iqembu lase-Angola i-Petro Atletico.
Kulokhu, banethemba lokuthi bazofinyelela kowamanqamu futhi bawine isicoco.
“Eminyakeni edlule i-Champions League ibihlezi iwumqhudelwano onzima kuwo wonke umuntu futhi kungakhathalekile ukuthi sikhethe bani,” kusho uMokwena.
Esithombeni esingenhla: I-Al Ahly ibhekene neMamelodi Sundowns
Umthombo wesithombe: Sowetan – Weam Mostafa/BackpagePix