ISundowns kumele iyixwaye iPirates: Mabunda

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengumdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns uTiyani Mabunda usexwayise leli qembu ukuthi lingalokothi lilithathe kancane izinga le-Orlando Pirates.

ISundowns ehola phambili kwi-log ye-Premier Soccer Leaders izobe isenkundleni yezemidlalo i-Orlando ngoMgqibelo lapho ezobe ibheke ukuhlasela iPirates.

Njengoba iSundowns isiwine imidlalo yeligi engu-14 kulandelana izobhekana nePirates ewine imidlalo yayo emithathu edlule.

UMabunda ubona sengathi ukucija kwePirates kuwumyalezo oqinile wokuthi iSundowns ingayithathi kalula inselelo ebhekene nayo.

UMabunda ongumakadebona emiqhudelwaneni eminingi yeSundowns nePirates uyithakasela kakhulu inselelo iSundowns ezobhekana nayo e-Soweto.

“Asisoze salibukela phansi izinga i-Orlando Pirates enalo ngoba ibilokhu yenza kahle emidlalweni embalwa edlule,” kusho uMabunda.

“Uyayibona ifomu yayo enhle eqhubekayo. Ithumela umlayezo kithi ukuthi siqaphe. Asiye lapho ukuyozama nokujaha amarekhodi kodwa sinomthwalo wemfanelo wokwenza abalandeli beSundowns bejabule.

“Sisenomthwalo wokuqhubeka nokwenza kahle, ukubona iqembu lihlezi liwina. Uma sigcina iqembu eliqinile nokwenza kahle sizokwazi ukushaya amagoli amaningi.”

Yize iPirates ingase ifake enkundleni abanye abadlali bayo ebasayinise ngoMasingana, iSundowns ayizange ibambe iqhaza emakethe yokudayiselana ngabadlali.

ISundowns yasayinisa abadlali abayisikhombisa ngaphambi komnqamulajuqu wokushintshana ngabadlali ngoMandulo nyakenye, kodwa isakhombisa ukudlala kahle noma ishaywe ukulimala kwabadlali.

Lokho kulimale sekwenze sabona abadlali abangu-15 abehlukene beSundowns beshaya amagoli kwiligi kule sizini.

Abadlali bayo abathathu abahamba phambili bafuna ukuthola indondo ye-PSL Golden Boot njengoba uPeter Shalulile eqhwakele phezulu ngamagoli ayisishiyagalolunye.

URookie Cassius Mailula useshaye amagoli ayisithupha kwathi uNeo Maema washaya amagoli amahlanu.

“Ngijabule ngokuthi sinabadlali abaningi abashaye amagoli,” kusho uMabunda.

“Uma uzama futhi ugxile kokukodwa, omunye umuntu angakwazi ukuthola amaphuzu noma ashaye amagoli. Impela kusinika ithemba lokuthi njengoba siya lapho kukhona esizobuya nakho.”

Ngemuva kokuthi iPirates ihlule iSundowns ngo 3-0 kowandulela owamanqamu we-MTN8 emlenzeni wesibili, ingelinye lamaqembu amathathu aqophe umlando ihlula leli qembu lase-Tshwane kule sizini.

ISuperSport United neTS Galaxy ngamanye amaqembu ahlule iSundowns.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beSundowns

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva