ISundowns kufanele inikeze uMngqithi inkontileka entsha: Mashego 

Lubhalwe nguMichael Madyira

Owayengumgadli weMamelodi Sundowns uKatlego Mashego usenxuse leli qembu ukuthi lixazulule indaba yenkontileka kaManqoba Mngqithi.

UMngqithi ungene ezinyangeni eziyisithupha zokugcina zenkontileka yakhe neSundowns kanti akakayisayini inkontileka entsha.

Ngemuva kokuthi lo mqeqeshi (51) ehliswe esikhundleni sokuba umqeqeshi omkhulu abekwe esikhundleni somsizi womqeqeshi omkhulu ngoMfumfu nyakenye, kwaba nemibiko yokuthi akaneme ngalezi zinguquko.

Manje njengoba engakakayisayini enye inkontileka kuleli qembu sekuqubuke amahlebezi okuthi angase aphume e-Chloorkop.

Kodwa uMashego uthi asikho isidingo sokuthi iqembu lase-Tshwane lishintshe ithimba labaqeqeshi ngoba lenza kahle.

Lo mdlali owake wadlala kuBafana Bafana unovalo uma iSundowns ingadedela uMngqithi, ingase iphazamiseke.

“Wenza kahle, futhi useneminyaka ekhona,” kusho uMashego etshela i-Scrolla Africa.

“Kuyabasebenzela, futhi akukho okuxegayo ngakho kungani bedinga ukulungisa?

“Ngicabanga ukuthi kufanele ahlale kodwa uma efuna ukuhlala. Ngaphandle uma enomqondo wokuzenzela izinto yedwa kwenye indawo.

“Manje asikho isidingo sokumdedela kodwa uma bengamgcini sekungenye indaba. Kodwa ngicabanga ukuthi ukuhlela kwabo kusebenza kahle ngoba iqembu liyawina.”

Ngemuva kokwehliswa kukaMngqithi, uRhulani Mokwena wakhushulelwe esikhundleni sokuba umqeqeshi omkhulu kanti uSteve Komphela waba umqeqeshi weqembu lokuqala.

Ngaphansi kukaMokwena iSundowns isiwine imidlalo eyisishiyagalombili ye-Premier Soccer League kulandelana, kanti kuyimanje isiwine imidlalo engu-13.

UMashego naye owake wadlalela i-Orlando Pirates ubona sengathi ukudedela uMngqithi kungaba iphutha kodwa lokho kuzobonakala ngemiphumela yabo ngesizini ezayo.

“Mhlawumbe kungaba iphutha kodwa futhi ngeke wazi ukuthi ukumdedela kungaba iphutha yini. Uzobona ukuthi wenze iphutha ngemuva kokungayivuseleli inkontileka yakhe,” kusho uMashego

“Mhlawumbe ngesizini ezayo uma kuphazamiseka ukusebenza kwabo kodwa kusezandleni zeqembu ukuthi liyafuna yini ukumgcina noma cha. Asizazi izinto ezenzeka ngaphakathi eqenjini. Asazi ukuthi abaqeqeshi basebenza kanjani.”

UMngqithi usehlale kwiSundowns kusukela ngoNhlolanja ngo-2014 ngesikhathi efakwa ngowayengumqeqeshi uPitso Mosimane.

Esithombeni esingenhla: UManqoba Mngqithi

Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva