Menzi Magubane
Bekungumdlalo wonke umuntu abenethemba lokuwubona: IMamelodi Sundowns ibhekene ne-Orlando Pirates kuma-quarter-final e-Nedbank Cup.
La maqembu omabili azobhekana mhla zi-15 kuMbasa emdlalweni abantu abaningi abawubikezela ngemuva komqhudelwano wama-quarter-final emasontweni amabili edlule.
NgoLwesithathu, iSundowns idlale umdlalo wayo wokulwela i-Nedbank Cup lapho ebibhekane khona neqembu le-GladAfrica Championship iPolokwane City e-Loftus Stadium e-Tshwane.
Bekungumdlalo wohlangothi olulodwa njengoba iDowns izibekele usuku ezobhekana nalo namaBhakabhaka ngenyanga ezayo. Ukuwina kwabo ngamane eqandeni kuqinisekise ukuthi iqembu lase-Tshwane belisendleleni efanele yokuvikela indebe yabo ye-Nedbank.
Kubathathe imizuzu eyi-10 nje ukuvula umdlalo ngegoli eliqhamuke kumdlali ojwayelekile, uPeter Shalulile. Ngemuva kwemizuzu emine uLebohang Maboe wengeze elinye igoli eqenjini lasekhaya.
Ngenkathi iCity isazama ukululama kulawo magoli asheshayo, uLesedi Kapinga ushaye igoli enza kube ngamathathu eqandeni ngemuva komzuzu uMaboe eshaye igoli.
Emizuzwini eyi-15 yokuqala ompetha bebehola ngamathathu eqandeni, futhi bebengakaqedi.
U-Andile Jali ushaye iphenalthi enza kube ngamagoli amane eqandeni ngomzuzu wama-28 ukuqedela ukushaya izimbangi, kwazise iDowns ibibukeka ingekho esimeni sokushaya amagoli esiwombeni sesibili.
La maqembu agcina ukuhlangana ngoMandulo kowe-2020 ngesikhathi iCity isadlala ku-Absa Premiership. ISundowns yawunqoba lowo mdlalo ngamathathu eqandeni kanti vele yayisendleleni yokuyobamba isicoco seligi.
Ukunqoba kwangoLwesithathu bese kungukunqoba kwe-17 kweqembu leSundowns kule sizini kuyo yonke imiqhudelwano. Kuphinde kwaba ngumdlalo wabo wama-23 bengakahlulwa kule sizini.
IDowns lokhu yagcina ukuhlulwa mhla zi-18 kuMfumfu kowe-2020 ngesikhathi ihlulwa yiBloemfontein Celtic ngelilodwa eqandeni kowe-MTN8. Lowo kwakungumdlalo wokuvula wesizini yamanje futhi ayikaze ihlulwe kusukela lapho.
Eminye imidlalo yama-quarter-final e-Nedbank Cup:
NgoMgqibelo: Chippa United vs Richards Bay (Sisa Dukashe Stadium, 3.30pm)
NgeSonto: Cape Town All Stars vs Pretoria Callies (Danie Craven Stadium, 3pm), Black Leopards vs Tshakhuma Tsha Madzivhandila (Thohoyandou Stadium, 6pm).