ISundowns izilele uMadisha ngokunqoba

Abadlali beMamelodi Sundowns kudingeke ukuthi bakhohlwe okwemizuzu embalwa ukuthi basakhala ezimathonsi ngozakwabo uMotjeka Madisha, banakekela ibhizinisi lebhola e-Loftus Stadium ngoLwesibili ebusuku.

Ngaphambi kokuthi iSundowns ibhekane neTS Galaxy ku-DStv Premiership, abathandi bebhola abaningi babhale ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukungenami kwabo kwe-Premier Soccer League (PSL).

Babona ukuthi umdlalo bekufanele uhlehliswe yi-PSL ukuze kunikezwe abadlali beSundowns isikhathi sokuzilela lo mdlali wasemuva. Kodwa-ke i-PSL ayivumelananga nalokho, umdlalo ube usuqhubeka njengoba bekuhleliwe.

Njengamasosha anesibindi, abadlali beSundowns baye empini e-Loftus baphuma namabili kwelilodwa benqoba ngamagoli ashawe ngabadlali abajwayelekile. UPeter Shalulile ushaye igoli lakhe lesine lesizini esiwombeni sokuqala ukubeka phambili abaholi be-log.

UThemba “Mshishi” Zwane ufike nelokunqoba maphakathi nesiwombe sesibili ezokwenza isiqiniseko sokuthi iqembu lasekhaya lihlala phezu kwe-log table. Lelo goli bekungelesikhombisa likaZwane kuze kube manje ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa yeligi.

Indlela yakhe ashaya ngayo amagoli imenza abe ngumshayi wamagoli ohamba phambili emkhankasweni njengamanje. ISundowns igcine ingahlulwanga ngesikhathi iGalaxy ihlulwa okwesibili kule sizini.

Omakhelwane beSundowns ePitoli iSuperSport United ibidlala endaweni engekho kude nabo. IUnited yengeze olunye usizi ngokuqala kabi isizini yeKaizer Chiefs.

Ihlule Amakhosi ngamabili kwelilodwa eLucas Masterpiece Moripe Stadium emdlalweni obucindezela kakhulu umqeqeshi uGavin Hunt. Abagadli beUnited uBradley Grobler noSipho Mbule bashayele iUnited amagoli okuqhubeka nengcindezi ku-log table yamaqembu.

ULebohang Manyama uthole igoli lokududuza izivakashi. Lokhu bekungokwesithathu iChiefs ihlulwa ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa futhi yisiqalo sayo esibi kakhulu kule sizini eminyakeni edlule. UThemba zwane ube ngumdlali odlale kahle kulo mdlalo.

Yonke imiphumela yangoLwesibili ye-DStv Premiership

Swallows FC 2-0 Maritzburg United; Stellenbosch 1-2 Cape Town City; SuperSport United 2-1 Chiefs; Sundowns 2-0 TS Galaxy.