Dylan Bettencourt
IMamelodi Sundowns isiluqalile uhlelo lokumangalela unkosikazi kaPitso Mosimane ngemali ecishe ibe yizigidi eziyi-R9 yamakhomishini awakhokhelwe.
Unkosikazi kaMosimane, uMoira Tlhagale, usebenza njenge-ejenti yomyeni wakhe, kanti iqembu lasePitoli lifuna ukuthola imali eyizigidi eziyi-R8.6 ayikhokhelwa njengekhomishini ka-10% ngesikhathi uMosimane esayina inkontileka yeminyaka emine neSundowns.
Ama-Brazilians acela ukuthi ibuyiswe le mali njengoba uMosimane ayishiya ikilabhu ngoLwezi ngowezi-2020. Bakholelwa ukuthi isivumelwano sabo noTlhagale bekuwukumnika imali isizini ngayinye ngenkathi uPitso ephethe kodwa yena wakhokhelwa yonke imali umsebenzi ungakapheli.
UMosimane uchithe izinyanga ezine kuphela kulesi sivumelwano esisha ngaphambi kokuthuthela ku-Al Ahly.
I-Bowman Gilfillan, inkampani yabameli emele iSundowns, yafaka amaphepha eNkantolo eNkulu yaseGoli ngenhloso yokuphoqa uPhethegale ukuthi akhokhe ngemuva kokuthi enqabile ukwenza kanjalo ngokuzithandela.
UTlhagale uphendule ngale nhlangano ayiphethe wathi: “Kushaqise kakhulu futhi kudumazile ukuthi i-MT Sports Marketing and Management ithole amasamanisi avela kwi-Mamelodi Sundowns FC efuna ukubuyiselwa imali yekhomishini esikhundleni somqeqeshi uPitso Mosimane.”
Lesi sitatimende siqhubeke sathi le nhlangano isithinte iSundowns ukuze ixazulule lolu daba kodwa kuze kube manje ibinganakwa. Bathe le nhlangano yazama ukuhlangana nomengameli weqembu, uDkt uPatrice Motsepe, ngoMasingana kanjalo nosihlalo uTlhopane Motsepe futhi banganakwa kwaze kwaba kabili.
Khonamanjalo, uPitso wenze umsebenzi oncomekayo neqembu lase-Egypt. Yize afika nje ngoLwezi ngowezi-2020, elakuleli selivele selibanga izicoco ezine e-Egypt kanti neqembu lakhe lizithola likuma-semi-final e-CAF Champions League njengoba bebheke ukuvikela isicoco sabo.
Umthombo wesithombe: @SoccerLaduma