Lubhalwe nguMichael Madyira
IMamelodi Sundowns izobhekana nesivivinyo esikhulu kakhulu kule sizini uma sebeqala umkhankaso wabo ka-Group B we-Caf Champions League.
ISundowns izobhekana ne-Al Hilal enkundleni i-Loftus Versfeld ngoMgqibelo.
Leli qembu alikhombisanga uzwelo emdlalweni yasekhaya, ishanela izimbangi zayo yaphinde yaphakamisa nombono wokuthi ayikho inselelo ekhaya.
Umqeqeshi uRhulani Mokwena nabadlali bakhe manje sebegxile emdlalweni yezwe ezocubungula amakhono abo angempela.
Lo umqhudelwano ubulokhu uphunyuka ezandleni zabo selokhu bathatha isicoco sabo sokuqala se-Champions League ngo-2016.
“I-Champions League ingumqhudelwano obaluleke kakhulu eqenjini lebhola,” kusho uMokwena esithangamini nabezindaba ngaphambi komdlalo.
“Futhi kufanele senze kangcono kunalokho esikwenzile kumasizini amathathu edlule kanti esihlose ukukwenza kule sizini ukuphakamisa izinga lethu lokudlala ukuze sikwazi ukunqoba.”
Ngemuva konyaka behlule i-Al Hilal ngegoli elilodwa eqandeni bedlalela ekhaya esigabeni samaqoqo ngesizini edlule, la maqembu womabili azophinde ahlangana.
ISundowns iphinde yahlula izinkunzi zase-Sudan ngamagoli amane kwamabili ekuhambeni nyakenye.
Kodwa umkhankaso wabo uphele entanjeni ye-quarter-final nakuba bebengakhathali ekhaya.
“Okunye okungaguquki ngokukhishwa ku-quarter-final ukuthi singenelwe amagoli singekho ekhaya kanti lokho kuyinto engeyinhle eqenjini lethu,” kusho uMokwena.
Baqinise ubukhosi babo ku-Premier Soccer League kumasizini amahlanu alandelanayo, kodwa i-Champions League ibilokhu inika abadlali base-Tshwane inkinga.
Nokho unozinti uRonwen Williams ujabulela ukungena ebholeni lase-Afrika.
“Siyazi ukuthi akulula futhi kuyinselelo enkulu. Kodwa yinye into esiyibheke ngabomvu futhi esifuna ukuba ingxenye yayo. Sifuna ukuba ingxenye yohambo olunzima, imiqhudelwano enzima, imidlalo emikhulu,” kusho uWilliams.
Kulindeleke ukuthi iSundowns ivakashele izinkunzi zase-Cameroon e-Cotonsport ngemuva komdlalo we-Al Hilal, ngaphambi kokuthi ibuyele ekhaya ukuzokwamukela i-Al Ahly.
Bazobuya kuphela ukuze baqhubeke nomsebenzi wabo wasekhaya mhla zizine kuNdasa.
Isithombe esingenhla: Abadlali beMamelodi Sundowns bebingelela abalandeli
Umthombo wesithombe: Mamelodi Sundowns