ISundowns isifikile eGibhithe ezweni lezimbangi

Menzi Magubane

IMamelodi Sundowns isifikile endaweni yezimbangi zayo.

Bafike eGibhithe ngoLwesithathu ebusuku.

Inkundla i-Al Salam izosingatha umdlalo wompetha besicoco se-CAF Champions League i-Al Ahly kanye neSundowns kwi-quarter final yale sizini ezoba ngoMgqibelo ngehora le-9 ebusuku.

Lezi zinkunzi ezimbili zase-Afrika ziqhathwe  kwi-quarter-final okwesithathu kulandelana kanti la maqembu asanqobe kanye.

Umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena uthe ukufika e-Cario engekho matasa futhi engenamsindo kuhle eqenjini.

“Isimo sengqondo sabadlali sihle, babukeka benomdlandla futhi begxilile,” kusho yena.

“Siyazi ukuthi sizele ini kanye nomthwalo osemahlombe ethu. Lokhu kungumsebenzi kazwelonke. Sifuna ukukhombisa ukuthi siyiqembu elizilungiselele kahle.”

Ngesikhathi aMasandawana enesonto lonke engadlali, i-Al Ahly ibe nomdlalo omkhulu ngoMsombuluko ebusuku.

I-Ahly idlale umdlalo omkhulu we-Cario derby neZamalek. UPitso Mosimane unikeze abadlali bakhe ikhefu ngoLwesithathu ukuze bazolulama ngaphambi komdlalo neqembu lakhe langaphambilini.

UMokwena uthe i-Ahly iyiqembu elihle.

“Baqeqeshwe kahle. Uyabona ukuthi kunomsebenzi omningi ovela eqenjini lobuchwepheshe. UPitso siyamazi ngokuzimisela kanye nokuzikhandla kwakhe ngomsebenzi awenza eqenjini. Kuyakhombisa emidlalweni yabo,” kusho uMokwena.

Umdlalo womlenze wokubuya uzoba se-Loftus Stadium e-Tshwane ngoMgqibelo ozayo.

Umthombo wesithombe: @soccerladuma

Izihloko zakamuva