ISundowns inqobile kodwa abalandeli baphendule i-Loftus indawo yempi

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

ISundowns inqobe ngo 1-0 idlala ne-Esperance koweCaf Champions League e-Loftus Versfeld.

Abalandeli bawo womabili amaqembu balwe ngemuva komdlalo, kwadingeka ukuthi kuqiniswe ezokuphepha.

IMamelodi Sundowns iwine umdlalo wayo we-Caf Champions League, kodwa abalandeli bawo womabili la maqembu balwa impi enodlame ngemuva komdlalo.

AMasandawana ashaye i-Esperance ngo 1-0 e-Loftus Versfeld ngoLwesibili ebusuku ngegoli elibekwe uPeter Shalulile ngemuva komdlalo ohlanganisa uLucas Ribeiro noJayden Adams.

Kodwa imigubho ibe ngeyesikhashana.

Kuqubuke izigcawu ezimbi phakathi kwabalandeli abayizimbangi ngemuva kokushawa kwempempe ekugcineni.

Onogada kudingeke ukuthi bakhiyele abalandeli be-Esperance ngaphakathi ukuze kunqandwe impi ukuthi ingachitheki ngaphandle.

Amavidiyo abiwe ku-inthanethi abonisa izihlalo ezindizayo nabalandeli beshwiba izibhakela kuyilapho abanye begijima befuna indawo yokufihla ikhanda.

Imibiko ithi i-Confederation of African Football (Caf) ingase ihlawulise iSundowns ngokungalawuleki kwezinto.

Futhi njengoba kuzodlalwa e-Tunisia, abaningi bakhathazekile ngokuthi izinto zingase zibe zimbi kakhulu ngaphandle kokuthi womabili amaqembu neCaf bangenelele ukudambisa ukushuba kwesimo.

Osesithombeni esingenhla: Peter Shalulile.

Umthombo wesithombe: @Masandawana

Izihloko zakamuva