Menzi Magubane
Ukungahlulwa kweMamelodi Sundowns kwi-DStv Premiership kule sizini, kuphele ngeSonto ntambama.
Banikele umjaho wabo wemidlalo engama-21 bengahlulwa kwizimbangi zabo iKaizer Chiefs, ebashaye ngo 2-1.
Umqeqeshi uManqoba Mngqithi ukuchaze ukuhlulwa kwabo njengephilisi elinzima ukuligwinya.
“Ukuhlulwa kwethu kokuqala bekungafanele ukuthi kuvele kuChiefs. Sizenzele phansi thina kulo mdlalo. Angisho ukuthi besingabonakali kodwa kuyiphilisi elinzima ukuligwinya,” kusho uMngqithi okhathazekile.
Kuyimpumelelo ebalulekile kumaKhosi njengoba eqe endaweni yeshumi nanye aya endaweni yesishiyagalombili, okungokokuqala lapho ifinyelele kwabayisishiyagalombili abahamba phambili kule sizini.
Umdlali ovelele kulo mdlalo uNjabulo Blom uthe lokhu kuwina kuzobanikeza umfutho abawudingayo emidlalweni yabo eyisikhombisa yokugcina.
“Isiwombe sokuqala besingekho ezingeni eliphezulu. Egumbini lokushintshela ngesikhathi sekhefu, umqeqeshi usitshele ukuthi sehlise umoya ngoba amagoli azofika,” kusho uBlom.
Nakulokhu futhi, iChiefs ibinecala lokuchitha amathuba futhi bekubukeka kuzoba ngomunye umdlalo lapho izogoduka khona ilambatha.
ULeonardo Castro, uPhilani Zulu noDumisani Zungu bebengawusonga umdlalo ngesiwombe sokuqala kodwa bahlulwa amathuba abo.
Bebesazama ukuthi basebenzise lawo mathuba abawenzile njengoba iDowns ishaye igoli kuqala. UGaston Serino unikeze iqembu lasekhaya ukuhola ngemuva kwemizuzu engama-35.
Ukungena kukaSamir Nurkovic ngomzuzu wama-62 kuwushintshe ngokuphelele umdlalo, kanti ukuzivikela obekuqinile ngaphambili kuDowns bekubukeka kuntengantenga.
Ngemuva nje kwemizuzu eyi-10 engenile, owase-Serbia udide ukaputeni uMusa Lebusa waqonda enethini washaya igoli. IChiefs ilinganise amagoli ngemizuzu engama-72.
Ngemuva kwemizuzu emibili nje kuphela, uDumisani Zuma ongene esiwombeni sokuqala uqhubeke nebhola le-offside wabhekana ngqo nonozinti uDenis Onyango agcine emdidile washayela AmaKhosi elokuwina.
Eminye imiphumela ye-Premiership
Maritzburg United 1-1 Baroka; AmaZulu 2-1 TS Galaxy; Leopards 1-1 SuperSport United; Swallows 1-1 Pirates; Stellenbosch 1-1 Celtic; Cape Town City 3-0 TTM; Chippa 0-0 Arrows.
Umthombo wesithombe: @kaizerchiefs