ISundowns ikhishiwe ku-Nedbank Cup

Menzi Magubane

ITshakhuma Tsha Madzivhandila imangaze iMamelodi Sundowns ngokuzibekisela indawo kowamanqamu e-Nedbank Cup. Leli qembu elizinze e-Polokwane lishaye iSundowns ngo 6-5 ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenalthi ngeSonto ntambama e-Loftus Stadium, e-Tshwane.

Umdlalo uphele ngo-0-0 ngemuva kwesikhathi esengeziwe, kanti bekulele emaphenalthini ukunquma ukuthi ngubani ozohlangana neChippa United kowamanqamu ngenyanga ezayo. ISundowns ibinethemba lokuvikela isicoco sayo esinqobe ngesizini edlule ngemuva kokushaya iBloemfontein Celtic kodwa bekungadalelwe ukuthi kube njalo.

NgoLwesine kuyona le nkundla iDowns ihlaze i-Orlando Pirates ngokuyishaya ngo 4-1 kuma-quarterfinal. ITshakhuma ikhombise ukuba yisiphakamiso esehlukile kanti iSundowns izame ngakho konke okusemandleni ukubagoba kodwa behluleka.

Njengamanje iTshakhuma izobhekana neChippa kowamanqamu. Indawo, usuku kanye nesikhathi kusazokuqinisekiswa

Ukuze befike kowamanqamu, iChippa ishaye elinye iqembu lase-Tshwane ku-Pretoria Callies. Bahlule iqembu le-GladAfrica Championship ngegoli elilodwa e-Lucas Moripe Stadium ngoMgqibelo.

Womabili la qembu iChippa kanye neTshakhuma njengamanje sebezogxila ekuzameni ukonga isikhundla sabo kowe-DStv Premiership. Basengozini yokwehliselwa kwi-GladAfrica Championship ngesizini ezayo.

ITshakhuma isendaweni ye-14 ngamaphuzu ayi-19 kanti isasalelwe yimidlalo eyisishiyagalolunye. Ngakolunye uhlangothi iChilli Boys isendaweni ye-15 ngamaphuzu ayi-17 kanti isasalelwe yimidlalo eyisishiyagalombili.

Womabili la maqembu anemidlalo yeligi ngoLwesibili ukuzama ukuthola lawo maphuzu abalulekile. IChippa izokwamukela iBaroka eNelson Mandela Bay Stadium e-Gqeberha ngehora le-3 ntambama bese kuthi iTshakhuma idlale neMaritzburg United e-Old Peter Mokaba Stadium e-Polokwane ngehora le-5 ntambama.

NgoLwesithathu iSundowns izolibhekisa eThekwini ukuyodlala naMaZulu esicongweni setafula e-Jonsson Kings Park Stadium. IDowns izobe inethemba lokuthi izolula umugqa wayo phezulu etafuleni ifinyelele emaphuzini ayisishiyagalolunye uma ingashaya Usuthu.

AmaZulu asendaweni yesibili wona ngakolunye uhlangothi azobe ebheke ukwengeza amaphuzu amathathu uma engashaya iDowns.

Umthombo wesithombe: @Masandawana

Izihloko zakamuva