ISundowns ihlulwe ku-Club World Cup

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

ISundowns ibizimisele kakhulu, kodwa amathuba amathathu amakhulu avalelwe unozinti we-Fluminense uFabio emizuzwini eyishumi yokuqala.

ISundowns izohamba ngokuziqhenya, kodwa nobuhlungu ngesikhathi esisodwa.

IMamelodi Sundowns ikwenze konke kodwa yahluleka emdlalweni wayo we-Club World Cup ne-Fluminense.

Umdlalo uphele ngo 0-0, kodwa aMasandawana abedinga ukunqoba ukuze afinyelele ku-last 16.

Baqale ngomfugho enkundleni yezemidlalo i-Hard Rock eMiami. Ngemizuzu eyishumi nje, uLucas Ribeiro, uDivine Lunga noTashreeq Matthews bonke basondele ekushayeni amagoli. Kodwa unozinti we-Fluminense uFábio ubagcine ngaphandle wabavimba.

ULucas udlule abadlali basemuva ukuze azame ukushaya igoli, kodwa uFábio ubeselindele. Unikeze uMatthews,
Kodwa u-Fábio waphuma egijima wamuvimba. ULunga uzame ukushaya igoli, kodwa unozinti wase-Brazil walibamba ibhola.

Ngemuva kwalokho, iSundowns ayikwazanga ukuqhubeka nengcindezi. I-Fluminense yaqina, kwathi ngomzuzu ka-57, umgadli uGermán Cano washaya ipali.

Umqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, uzamile ukulungisa izinto, wafaka uPeter Shalulile no-Arthur Sales. Uphinde wakhipha uTeboho Mokoena, obevele enekhadi eliphuzi futhi ezibeka engcupheni yokuthola elibomvu.

Naphezu kwezinguquko, i-Fluminense ibizimisele kakhulu iSundowns ibingenayo indlela yokudlula.

Ngemuva kokuphusha i-Borussia Dortmund phambilini kulo mqhudelwano, iSundowns ikhothame ngokuziqhenya, kodwa obuhambisana nobuhlungu.

Esithombeni esingenhla: IMamelodi Sundowns.

Umthombo wesithombe: @Masandawana

Izihloko zakamuva