ISundowns ibhekene nesivivinyo esinzima eMorocco

Lubhalwe nguMichael Madyira

  • ISundowns iya eMorocco isethembeni lokunqoba ngemuva kokudlala ngokulingana emdlalweni wayo wokuqala wamaqoqo weChampions League ekhaya.
  • Umqeqeshi uMngqithi ubhekene nengcindezi yokukhombisa ukuthi angakwazi ukuhola iqembu lase-Afrika futhi linqobe uma libhekene nezimbangi ezinzima zaseNyakatho ne-Afrika.

Yize abanye bebuza ukuthi umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi angakwazi yini ukuhola iSundowns idle isicoco seChampions League, kodwa lo mqeqeshi ongaconsi phansi ugxile emsebenzini abhekene nawo.

UMngqithi udinga ukuzikhombisa ukubaluleka kwakhe e-Afrika njengoba iqembu lakhe lilibangise eMorocco emdlalweni omqoka weChampions League.

“Sizodlala neqembu elihle kakhulu eMorocco – i-AS FAR eyenze kahle kakhulu kula masizini amathathu edlule,” kusho uMngqithi etshela i-SABC Sport.

AmaBrazilians adlala neFAR Rabat ngoMgqibelo ngemuva kokuphoxeka bebambana ngo 0-0 ne-AS Maniema emdlalweni wabo wokuqala wamaqoqo uGroup B.

Izimbangi zabo zindizela phezulu ngemuva kokushaya izimbangi zakhona iRaja Casablanca ngo 2-0 emdlalweni wabo wokuqala, okukhombisa ukuthi zizimisele ngokunqoba lo mqhudelwano.

“Uma ngibhekisisa kahle kuzongijabulisa ukubona ukuthi bazofuna ukusidlalisa kanjani ngoba sinendlela enhle kakhulu yemidlalo efana nalena ngoba ngicabanga ukuthi yilapho esiqine khona kakhulu.”

Amaqembu asenhla ne-Afrika sekukaningi ehlula iSundowns eminyakeni edlule, kanti manje isibhekene namaqembu amabili aseMorocco eqoqweni lawo.

“Kuhlale kunzima kwesinye isikhathi uma sidlala namaqembu abenqaba ukuvumela umdlalo uhambe kahle nje ngokuhlala esiswini,” kwengeza uMngqithi.

“Kodwa ngokujwayelekile, abantu baseNyakatho ne-Afrika abanawo lowo mqondo, bafuna ukuzizela mathupha. Bakholelwa ukuthi bawina uma bedlalela enkundleni yabo.”

“Banomdlandla ohlukene uma bedlala kude futhi noma bedlala  ekhaya, ekhaya baba nomdlandla kakhulu, mhlawumbe bazimesela kakhulu ukuze bezozama ukuthola amagoli kodwa uma bekude nabalandeli babo bavamise ukuba namahloni futhi baziqoqe bazame ukuhlasela.”

Ukunqoba kuzobeka iSundowns esicongweni kwiqoqo-B, kodwa ukuhlulwa kungayenza yehle isuka endaweni yesibili.

Esithombeni esingenhla: Abadlali beMamelodi Sundowns bebingelela abalandeli.

Umthombo Wesithombe : Mamelodi Sundowns

Izihloko zakamuva