
Linda Ximba
Amehlo abethe njo kuDJ Black Coffee bemuhalalisela bakhohlwa esinye isihlabani sakuleli uDoja Cat.
Yize abantu ezweni lonke okuhlanganisa noMengameli behalalisele uDJ Black Coffee ngokuwina indondo yama-Grammy, bambalwa kodwa abazi ukuthi omunye waseNingizimu Afrika naye uwine indondo.
UDoja Cat, ocula i-rap ojabulele ukuduma kwe-meteoric kule minyaka emibili edlule, uthole indondo njenge qembu elihamba phambili ngengoma yakhe enesihloko esithi “Kiss Me More” ayikhipha noSZA.
Lo mculi, ogama lakhe langempela ngu-Amala Ratna Zandile Dlamini, uyindodakazi yomlingisi uDumisani Dlamini, oseke wabonakala emdlalweni iYizo Yizo, iSibaya neminye imidlalo ewuchungechunge.
Yize uDlamini enguyise walo mculi odumile kodwa akakaze ahlangane naye ubuso nobuso.
“Angikaze ngihlangane naye, futhi ukhona kwi-Instagram. Ungumdansi omangalisayo nomlingisi ovelele, yebo, angimazi kahle,” ebhale ku-Instagram.
UDlamini uthi usezamile ukuxhumana nendodakazi yakhe kodwa ithimba labaphathi bayo lamvimba ukuthi axhumane nayo.
“Ngizamile ukuthungatha indodakazi yami, kodwa inkampani ephethe ezokuzijabulisa ibingivimba,” kusho uDlamini engxoxweni abe nayo nomsakazi we-Metro FM uMo Flava.
“Bayazi ukuthi uma ngikwazile ukumthola, mhlawumbe uzonyamalala emehlweni abo. Ngiyazi indodakazi yami, noma ngabe ikuphi, iyangifuna.”
UDoja Cat oneminyaka engu-26 ubudala kanye nomculi waseMelika uSZA, ogama lakhe langempela uSolana Imani Rowe, bathole indondo beqhathwe nabaculi abasezingeni eliphezulu okubalwa i-BTS, i-Coldplay, uJustin Bieber, uBenny Blanco, uTony Bennett kanye noLady Gaga.
Kubikwa ukuthi uDoja Cat wacishe waphuthelwa umzuzu wakhe omkhulu ngesikhathi kumenyezelwa umklomelo ngenxa yokuthi wayesaphumile esendlini yangasese!
Umthombo wesithombe: @HarpersBazar