IStomers iguqise iStade Francais

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

Kuthathe amahora amabili kanompempe uLuke Pearce ukuthi acekele phansi lokho obekungaba umdlalo omkhulu wombhoxo – futhi akulona iphutha lakhe!

Usebenzise umthetho wakhipha isikhali esisodwa esiyingozi onompempe abanaso emaphaketheni abo.

Konke kuqale ngesikhathi kukhishwa ikhadi eliphuzi (ngokwemithetho engenangqondo) linikwa umdlali we-Stade Francais uVasil Kakovin ngemuva kokuhlukana kwe-scrum eduze kwe-tryline yabo, okushiye iqembu lase-France linabadlali abangu-14. Ngemuva komzuzu baphinde benza iphutha elifanayo uClement Castets wakhishwa ngekhadi elibomvu, washiya isikwati nabadlali abangu-14.

Ngokwemithetho i-France kumele inikele ngomdlali oyedwa isale nabadlali abangu-12. Kodwa abakwenzanga lokho ukuze uma sebenza i-scrum esilandelayo babenabadlali abangu-13 enkundleni.

Ama-Stormers athole iphenathi athatha i-scrum.

Khumbula ukuthi konke lokhu kwenzeka ngezinkulumo-mpikiswano ezivuthayo eziqhubeka enkundleni newashi limiswa njalo.

Abahlaziyi bakubiza ngokuthi “i-farce”. Kubukeka njengefilimu kaLaurel noHardy njengoba abadlali bekhishwa babuye babizwe – abanye basala bemile emakhazeni.

Ngemuva kwamahora amabili ama-Stormers anqobe ngo 24-20 emdlalweni othathe amahora amabili. Kuzojabulisa ukubona ukuthi ibhola lidlalwe imizuzu emingaki.

Eningizimu eduze nomngcele wase-Switzerland, ama-Cheetah adlale neqembu lase-France i-Oyonnax – umdlalo obekufanele bawunqobe okungenani ngamaphuzu angu-20.

Unompempe u-Anthony Woodthorpe ukhiphe amakhadi angekho ngaphansi kwamane. Elokuqala ulikhiphele i-Oyonnax, amathathu akhishelwa ama-Cheetah. Elinye lamakhadi lilandelwe ngelibomvu i-Cheetahs yadlala ingxenye enkulu yomdlalo inabadlali abangu-14. Balwa ngesibindi, kodwa balahlekelwa iphuzu elilodwa ekugcineni.

Into enhle eyenzeke kule mpelasonto, ukuthi i-World Rugby ekugcineni izoqiniseka ukuthi kufanele benze okuthile ngalolu hlelo lwamakhadi oluqalekisiwe. Izowuqeda nya umdlalo.

Esithombeni esingenhla: Unompempe uLuke Pearce ngesikhathi seNdebe Yomhlaba

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva