ISpurs sesifake umlenze owodwa kwiPSL 

Lubhalwe nguMichael Madyira

I-Cape Town Spurs iphinde yazinikeza ithuba emizamweni yayo yokukhuphukela kwi-Premier Soccer League ngemuva kokuwina ngo 1-0 ibhekene neCasric Stars emdlalweni womkhumulajezi enkundleni yezemidlalo i-Athlone ngoLwesithathu.

UMorne Nel ushaye igoli sekusele imizuzu engu-18 umdlalo uphele ukuhlukanisa la maqembu amabili ngemuva kokuthi umdlali weSpurs, u-Arshely Cupido ethole ikhadi elibomvu ngomzuzu ka-65.

Lo mphumela wenze ukuthi iSpurs siqhwakele ngamaphuzu ayisithupha ngaphambi komdlalo waso wokugcina ekuhambeni neMaritzburg United ngoLwesithathu oluzayo.

Kodwa abadlali bakaShaun Bartlett bangase baqinisekise ukuthi bazodlala kwi-Premier Soccer League kusukela ngoMgqibelo uma iMaritzburg ilahla amaphuzu ibhekene neCasric ekuhambeni.

UBartlett usale ekhihla isililo ngemuva komdlalo ngoba uyazi ukuthi sebekwazile ukulawula ikusasa labo ngentambama ebinetha imvula nokwenze iCasric ihlulwe embangweni wokukhuphukela phezulu.

Leli qembu laseMpumalanga selihlulwe kuyo yonke imidlalo yalo emithathu kanti iSpurs sijabulela irekhodi lika-100% kule midlalo yomkhumulajezi.

ISpurs sikubone kufanele ukuthi sithole iphenathi ngomzuzu ka-18 ngesikhathi uCupido ehlawuliswa ebhokisini uJeremiah Mathonsi kodwa unompempe uMichael Mosemeng wathi umdlalo uqhubeke.

Ngemuva kwemizuzu emibili uTherlo Moosa uphoqe unozinti weCasric uLudwe Mpakumpaku ukuthi avimbe ibhola ngaphambi kokuthi uCupido abuye kodwa ibhola lakhe alishaye ngekhanda liye lashaya ipali.

Kube ingcindezi eqhubekayo kosokhaya abaphinde babona ibhola likaMichael Morton lidlula phezu kwepali.

Emizuzwini emine ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini iCasric isinde kwesinye isigameko kanti kudingeke ukuthi ibonge u-Ofentse Thloloe ngokukhipha ibhola likaRushwin Dortley ngekhanda.

Ukuhlulwa kweCasric bekungavamile ukubahlupha kanti ukubusa kweSpurs kuye kwaqhubeka ngemuva kwekhefu.

Iqembu likaBartlett libe selithwala kanzima ngesikhathi umgadli walo ophambili uCupido ekhishwa ngekhadi elibomvu sekusele imizuzu engu-24 ngemuva kokuxabana noNgoanamello Rammala.

Kodwa iSpurs asizange sikhathazeke ngalokho ngesikhathi uNel ebeka ibhola ekhoneni eliphansi ngonyawo lwakhe lwesokunxele olubuthakathaka ukuhlukanisa la maqembu amabili ngamaphuzu.

Kuthathe imizuzu engu-82 ukuthi izivakashi zithole elinye ithuba langempela epalini ngesikhathi ishodi eliwumgundatshani likaRammala lenza unozinti weSpurs, uLincoln Vyer asebenze kanzima ukuhlenga ibhola ngesikhathi umdlalo uphela.

Esithombeni esingenhla: Umgadli weCape Town Spurs u-Ashley Cupido

Umthombo wesithombe: Cape Town Spurs

Izihloko zakamuva