ISpurs iphumile emjahweni wamane ahamba phambili 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

I-Tottenham Hotspurs iphume kwisizini yayo enzima ngemuva kokuhlulwa kabuhlungu ngo 6-1 ibhekene ne-Newcastle ngeSonto kwaphela amathuba ayo okuqeda kwamane ahamba phambili.

Bekulindelwe okukhulu ku-Antonio Conte ngesikhathi ethatha izintambo kuleli qembu kodwa akazange aqale nokuqala kule sizini. Ngesikhathi lo mqeqeshi wase-Italy eqala ukubheka angakwenza kuleli qembu uye wakhonjiswa umnyango ngokushesha.

UCristian Stellini uqokwe njengomqeqeshi wesikhashana kuze kuphele isizini ukuze iqembu lithole ozovala isikhala unomphela.

Kodwa-ke, ifomu yabo embi iqhubekile nakuba usihlalo uDaniel Levy ebona sengathi bebengabambelela kuze kuphele isizini.

Kodwa-ke, kungacatshangwa ukuthi ngemuva kokuthi kube u-5-0 emizuzwini engu-20 bebhekene nezimbangi ezisemaqenjini amane ahamba phambili i-Newcastle uLevy ubonile ukuthi akukho okungenziwa.

UStellini ube esededelwa esikhundleni sakhe ngoMsombuluko kwangena owayengumdlali uRyan Mason esikhundleni sakhe – ungena okwesibili kulesi sikhundla ngemuva kokuxoshwa kukaJosé Mourinho ngo-2021.

Lona owayengumdlali wasesiswini waphatha imidlalo eyisithupha ngaleso sikhathi wayiwina yonke wase ehlulwa kowamanqamu we-Carabao Cup eshaywa i-Manchester City.

Abaqeqeshi abathathu ngenyanga eyodwa kumele babe irekhodi leqembu lase-North London.

Kuwumqondo omuhle ngempela ukuba nomuntu oqonda isiko lamaqembu njengoba kwenza uMason okungenani okwazile ukuqinisa iqembu ngaphambi kokuthi kungene umqeqeshi omusha.

I-Spurs ibisethubeni lokuthi ihlungele ukudlala kwi-Uefa Champions League kodwa cishe wonke amathemba alokho asenciphile.

UMason ngeke abe nesiqalo esilula. Isivivinyo sakhe sokuqala ukudlala ne-Manchester United engaphezulu kwakhe etafuleni le-Premier League.

Njengamanje izinto azilula neze njengoba bebhekene nohambo oluya e-Anfield ukuyobhekana ne-Liverpool ngeSonto.

Kodwa-ke, kunethemba lokuthi uJulian Nagelsmann uzothatha izintambo ku-Spurs ngemuva kokuphuma emjahweni wokuba umqeqeshi we-Chelsea.

Lo mqeqeshi (35) wase-Germany uxoshwe i-Bayern Munich ekuqaleni kwale sizini kodwa angase abe indoda efanele ku-Spurs.

Kuyabonakala ukuthi i-Spurs yehlile efomini selokhu ibheke isivumelwano esingase sibe khona nezokuvakasha zakuleli.

Esithombeni esingenhla: URyan Mason

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva